Imbuzi, Inja Nenkomo
Fabian Wakholi
Marleen Visser

Imbuzi, Inja neNkomo babengabangane abakhulu. Ngelinye ilanga bathatha uhambo ngetekisi.

1

Sebefike ekugcineni nohambo lwabo, umshayeli wabe esecela ukuthi bakhokhe. Inkomo yakhokha eyayo.

2

Inja yakhokha imali ethe ukwendlula, ngoba kade Ingenayo imali eyanele.

3

Uma umshayeli esezilungisela ukunika Inja ushintshi wayo, Imbuzi yabaleka ngaphandle kokukhokha ngisho isenti.

4

Umshayeli wayecasuke kakhulu. Washaya Wachitha ngaphandle kokunika Inja ushintshi wayo.

5

Yingakho, Kuze kube namhlanje Inja igijimela ngaphambi kwemoto ilunguze ngaphakathi ukuze ithole umshayeli oyikweleta ushintshi wayo.

6

Imbuzi iyabaleka uma izwa umsindo wemoto isaba ukuthi izoboshwa ukuthi ayizange ilukhokhele uhambo eyayiluthathe nabangani bayo.

7

Inkomo ayinandaba mangabe kuza imoto. Inkomo ithatha isikhathi sayo uma iwela umgwaqo ngoba iyazi ukuthi yayikhokha yonke imali okwakufanele iyikhokhe.

8
You are free to download, copy, translate or adapt this story and use the illustrations as long as you attribute in the following way:
Imbuzi, Inja Nenkomo
Author - Fabian Wakholi
Translation - Ntswaki Vilane
Illustration - Marleen Visser
Language - isiZulu
Level - First paragraphs