UZama unguchwepheshe!
Michael Oguttu
Vusi Malindi

Umnewethu uyephuza ukulala.

Mina ngivuka ekuseni kakhulu ngoba nginguchwepheshe!

1

Yimina engivula amafasitela ekuseni.

2

"Wena, uyinkanyezi yami yokusa," kusho umama.

3

Zonke izinsuku ngiyazigeza, angidingi ukusizwa.

4

Anginandaba nokugeza ngamanzi abandayo nensipho eluhlaza yokuwasha.

5

Umama uyangikhumbuza, "Ungakhohlwa ukuxubha amazinyo."

Ngiyamphendula, "Lutho, hhayi mina!"

6

Emva kokugeza, ngibingelela umkhulu nomalumekazi.

Ngibafisela usuku oluhle.

7

Emva kwalokho ngiyazigqokisa.

"Sengikhulile manje, mama," kusho mina.

8

Ngiyakwazi ukufasa izinkinobho nezicathulo.

9

Ngenza isiqiniseko sokuthi umnewethu uzazi zonke izindaba eziphathelene nesikole.

10

Ekilasini ngisebenza ngokuzikhandla.

11

Ngenza zonke lezi zinto ezinhle nsukuzonke.

Kodwa into engiyithanda kakhulu, ukudlala!

12
You are free to download, copy, translate or adapt this story and use the illustrations as long as you attribute in the following way:
UZama unguchwepheshe!
Author - Michael Oguttu
Translation - Zanele Ndlovu, Zanele Zuma
Illustration - Vusi Malindi
Language - isiZulu
Level - First sentences