Ingwenya ne Mfene
Basilio Gimo
Jeremiah Dube

Imfene ne Ngwenya bekungabani beqiniso.
Babedlala kanye kanye.
Beyenza konke kanye kanye

1

Ngolunye usuku, ingwenya yagula kakhulu, iseduze kokufa. Ingwenya yaya ku Nyabenzi. "Uma ufuna ukusinda kumele udle inyama yemfene", kusho UNyabenzi.

2

Uma izwa lokhu ingwenya yakhala.

Uma efuna ukuphola ayikho enye indlela kumele adle umngani wakhe umfene.

3

Uma imfene iyobona Umngani wayo beyigibela emhlane we Ngwenya,

Ingwenya yamdontshela emfuleni ojulile.

4

"Yini ekuhluphayo mngani wami?" kwabuza imfene.

Ingwenya yathi, Unyabenzi uthi uma ngifuna ukuphola kumele ngidle wena mngani wami."

5

Imfene yaphendula yathi, "Chabo, ungangidli mina Ngoba ngimncane!
ima umzuzu ngizo biza umkhulu wami. Ngokuba yena mkhulu kunami. Idla yena khona uzosutha."

6

Ingwenya yathi, "Ukuphi yena umkhulu wakho?"
Imfene ya phendula yathi, Usemthini duzane nesiqhingi."
Ingwenya yathi, "hamba uyomlanda ukuze ngizomudla."

7

Imfene yagxuma ya baleka ya gibela emthini
Ingwenya yema, yema kepha Imfene ayizange yabuya.

Kwase Kwaba isiphetho sobungane babo.

8
You are free to download, copy, translate or adapt this story and use the illustrations as long as you attribute in the following way:
Ingwenya ne Mfene
Author - Basilio Gimo
Translation - Ntombizini Rakoma
Illustration - Jeremiah Dube, Little Zebra Books
Language - isiZulu
Level - First paragraphs