Imfene ne Ngwenya bekungabani beqiniso.
Babedlala kanye kanye.
Beyenza konke kanye kanye
Ngolunye usuku, ingwenya yagula kakhulu, iseduze kokufa. Ingwenya yaya ku Nyabenzi. "Uma ufuna ukusinda kumele udle inyama yemfene", kusho UNyabenzi.
Uma izwa lokhu ingwenya yakhala.
Uma efuna ukuphola ayikho enye indlela kumele adle umngani wakhe umfene.
Uma imfene iyobona Umngani wayo beyigibela emhlane we Ngwenya,
Ingwenya yamdontshela emfuleni ojulile.
"Yini ekuhluphayo mngani wami?" kwabuza imfene.
Ingwenya yathi, Unyabenzi uthi uma ngifuna ukuphola kumele ngidle wena mngani wami."
Imfene yaphendula yathi, "Chabo, ungangidli mina Ngoba ngimncane!
ima umzuzu ngizo biza umkhulu wami. Ngokuba yena mkhulu kunami. Idla yena khona uzosutha."
Ingwenya yathi, "Ukuphi yena umkhulu wakho?"
Imfene ya phendula yathi, Usemthini duzane nesiqhingi."
Ingwenya yathi, "hamba uyomlanda ukuze ngizomudla."
Imfene yagxuma ya baleka ya gibela emthini
Ingwenya yema, yema kepha Imfene ayizange yabuya.
Kwase Kwaba isiphetho sobungane babo.