Imbali engaboni
Nathaniel Bivan
Kenneth Boyowa Okitikpi

UChat wazalwa eyimpumputhe.

Ubengekaze ababone abazali bakhe, abafowabo kanye nodadewabo ngamehlo. Ubesazi ubuso babo uma ebathinta.

1

Ngolunye usuku, uChat wayezihambela engadini.

Wayelithanda iphunga lezimbali. Wayethanda nokuthinta amagcembe ezimbali.

2

UChat wayefisa ukuzibona izimbali noma kukanye nje. "Zinhle kakhulu," ezisholo nje.

3

UChat wayezihambela engadini nsuku zonke. Wayeyazi indlela yengadi.

Namuhla uphakamisela ikhanda lakhe esibhakabhakeni.

4

Esithubeni nje, wezwa ukuduma kwezulu kanye nombani.

"Angisheshe ngibuyele ekhaya," washo ezicabangela.

5

Yaqala imvula yana.

UChat washelela, walahla ukuzimelela wawa.

Washaya ngekhanda etsheni.

6

Wathi evuka kwakugcwele abantu phambi kwakhe. "Kwenzakaleni?" ebuza.

7

"Uwile washaya ngekhanda phansi," kusho ubaba wakhe.

"Ngiyabonga Nkosi uphilile," kusho umama wakhe.

8

"Mama, baba?" kubuza uChat.

Wabiza amagama odadewabo kanye nabafowabo. "Ngicela ningitholele imbali."

Bonke babemangele.

9

Udadewabo wabuya nayo imbali. UChat wayibamba ngothando. "Yaze yayinhle," esisho.

10

Umndeni wakhe wabukana wodwa.

"Chat, uyayibona lembali?" kubuza umama wakhe.

11

UChat wadlala ngayo imbali esandleni sakhe.

"Nibahle nonke, nifana nalembali," washo emamatheka.

12
You are free to download, copy, translate or adapt this story and use the illustrations as long as you attribute in the following way:
Imbali engaboni
Author - Nathaniel Bivan
Translation - Thulisile Dhlamini
Illustration - Kenneth Boyowa Okitikpi
Language - isiZulu
Level - First sentences