OLwesibili benjabulo
Aisha Muamba
Aisha Muamba

Kwakukhona intombazane igama layo kwakunguLinda. Wayehlala nodadewabo ababili, umfowabo kanye nomama wakhe.

Wayeyintombazane ejabule futhi ekhuthele kakhulu.

1

Umngane wakhe omkhulu kwakunguStacy.

Babethembana noStacy futhi benezimfihlo zabo bobabili.

2

Njalo ngoLwesibili babeya ebhayisikobho ngoba babenikezwa uphophukhoni wamahhala.

3

Emva kwebhayisikobho, babehlala epaki balalele umculo bese bezitika ngo-ayisikhilimu.

4

ULwesibili lolu kwakulusuku lukaLinda olumnandi.

Ukubuka ibhayisikobho emnandi nokudla uphophukhoni wamahhala.

5

Emva kwalokho kube umculo ababewulalela noStacy epaki nokuzitika ngo-ayisikhilimu.

6

Izikhathi ezimnandi azihlali zikhona.

Kufanele ufunde ukuzithakasela futhi uzazise.

7

Kanjalo nabantu ohlanganyela nabo kulobo bumnandi.

8
You are free to download, copy, translate or adapt this story and use the illustrations as long as you attribute in the following way:
OLwesibili benjabulo
Author - Aisha Muamba
Translation - Zanele Zuma
Illustration - Aisha Muamba
Language - isiZulu
Level - First sentences