Umgcinizilwane nezilwane zakhe
Nina Orange
Magriet Brink

Le yindaba yomgcinizilwane kanye nendawo yakhe agcina kuyo izilwane eziyizintandane.

1

Inyanga kaAgasti kwakuyinyanga ematasatasa kumgcinizilwane nabasizi bakhe ekhaya lokugcina izilwane.

2

USponono, ononyaka ubudala, nguye ofike kuqala kuleli khaya. Ufike ngeloli elidala eliluhlaza njengotshani.

3

Umgcinizilwane nabasizi bakhe babekhathazekile ngoSponono. Wayezacile futhi ebukeka edabukile.

4

Ngokuhamba kwesikhathi waba ngcono, wabukeka enamandla uSponono. Waqala manje nokudlala nezinye izilwane lapha ekhaya lazo.

5

Ngelinye ilanga ngenyanga kaAgasti, kwathi cababa ihelikhophtha ekhaya lezilwane.

6

Nabaya abasizi nomgcinizilwane begijimela phandle. Kuhelikhophtha kwehla indlovu encane yembeswe ngengubo yokulala.

7

KwakunguLulu. Wayenezinsuku ezinhlanu ezelwe. Umgcinizilwane wayemncelisa ngebhodlela uLulu.

8

Isilwane sesithathu esiyintandane esafika kuleli khaya kwakunguThula. Yena wayefike ngogangaganga obomvu. Wayenezinyanga eziyisithupha ubudala.

9

UThula, umkhombe, washeshe wajwayelana noSimo, inyathi encane. Babehamba ndawonye ngaso sonke isikhathi.

10

Ngobunye ubusuku, zonke izilwane zavuswa ukufika kukaMbimbi.

11

UMbimbi wayenezinyanga ezinhlanu ubudala. Wayekhathele kakhulu, engenamandla ngenxa yohambo lwakhe olude.

12

Ngenxa yentamo yakhe ende uMbimbi, umgcinizilwane wayeliphakamisela phezulu ibhodlela lakhe ukuze ancele kahle.

13

Amawele angoBobo noMomo wona afika phakathi noAgasti. Lezi zilwanyana zazinamahora ambalwa zizelwe. La mawele ayegula kakhulu.

14

Wonke umuntu wayekhathazekile ngoBobo ngoba wafa ngemva kweviki efikile. Umgcinizilwane nabasizi benza konke okusemandleni ukuhlenga uMomo.

15

Izintandane ezagcina ukufika ekhaya lezilwane ngoAgasti kwaba ngamazinyane uKoko, uKeke, noKiki. Lamazinyane ayenamaviki amabili ezelwe. Afika kuleli khaya elambe ngokwedlulele.

16

Umgcinizilwane nabasizi babezithanda zonke izilwane, nalezo ezazigangile, zingezwa.

17

Umntwana owayegange kunazo zonke izilwane kwabe kunguBhongo. uBhongo wayethanda ukufihla izibuko zomgcinizilwane.

18

Abasizi ekhaya lezilwane babesebenza kanzima ukunakekela amazinyane. Babenethemba ukuthi ngelinye ilanga izintandane lezi zizokhula, zikwazi ukuzinakekela, futhi zibuyele endle, endaweni yazo yemvelo.

19

Phinde ufunde indaba bese uphendula imibuzo.
1. Zingaki izilwane ezafika ngenyanga kaAgasti?
2. Yisiphi isilwane esafika kuqala ngoAgasti?
3. Lesi silwane sasingakanani uma sifika?
4. Yisiphi isilwane esafika ekugcineni?
5. Yiziphi izilwane ezazincane ezafika ngoAgasti?
6. Zazingakanani?
7. Yisiphi isilwane esasisidala esafika?

20
You are free to download, copy, translate or adapt this story and use the illustrations as long as you attribute in the following way:
Umgcinizilwane nezilwane zakhe
Author - Nina Orange
Translation - Pumla Mdontswa
Illustration - Magriet Brink
Language - isiZulu
Level - First paragraphs