Ngomunye uMgqibelo ntambama kushisa
Nombulelo Thabane
Wiehan de Jager

Kwakushisa kakhulu ngomunye uMgqibelo kuDisemba. UZanele noSipho noSanele baphuma phandle bayodlala. Umama wayethe kubo "Anginidingi lapha eduze kwami." Bagijima baphuma endlini.

1

"Asihambeni siyodlala ngasemfuleni," kusho uZanele."Kupholile lapho" "Kodwa ubaba wasitshela ukuthi singabhukudi emfuleni," kusho uSanele. "Angeke sibhukude", kuphendula uZanele. "Sizodlala nje emthunzini eduze kwamanzi."

2

Kodwa ukudlala ukunqakisana kuyashisa, noma ngabe ungaphansi kwesihlahla eduze komfula. Baqala bakhumula izicathulo. Kodwa besashisa. Base bekhumula amahembe kanye neziketi nezikhindi. Kodwa besashisa.

3

Bafaka izinyawo zabo emanzini ukuze baphole. Base bethelana ngamanzi. Ngokushesha bazibona sebemanzi te.

4

"Oh wozani! Masibhukudeni," kusho uSipho. "Ubaba angeke azi." Babhukuda babhukuda bakhohlwa ukubheka isikhathi.

5

Ilanga lase liya ngomtsha wendoda, baqala ukugodola. "Ziphi izingubo zethu?" bebuzana.

6

Bazifuna ngaphansi kwezihlahla. Bazifuna emhlangeni. Bazifuna yonke indawo.

7

Kwakukhona izinkomo ezaziseduze komfula, zijabulela utshani obumnandi. USanele wabheka ngakuzo, "Buka leya nkomo! Yini esemlonyeni wayo?" "Idla imbali ebomvu," kusho uZanele.

8

"Akuyona imbali ebomvu leya", kumemeza uSipho. "Yihembe lakho!" Babuka enye inkomo. Yayihlafuna into eluhlaza okwesibhakabhaka. "Yisiketi sami!" kumemeza uZanele.

9

Bahamba ngezingubo zangaphansi ukuya ekhaya, beqhaqhazela. "Izinkomo zidle izingubo zethu." Kodwa uthi umama wasikholwa nje? Ngokushesha izinqa zethu zafudumala. Kwakungelona ilanga elalisifudumezile.

10
You are free to download, copy, translate or adapt this story and use the illustrations as long as you attribute in the following way:
Ngomunye uMgqibelo ntambama kushisa
Author - Nombulelo Thabane, Tessa Welch
Translation - Fikile Khuboni
Illustration - Wiehan de Jager
Language - isiZulu
Level - First paragraphs