Namhlanje angiyi esikoleni. Yiholide!
Namhlanje angeke ngiwubuke umabonakude. Awukho ugesi.
Ngizokwenzani? Namhlanje ngizolalela umzimba wami!
Uyawuzwa umzimba wakho?
Okokuqala kumele ngithule, ngithulisise. Ukuze ngilale umzimba wami.
Yebo, manje ngiyawuzwa umoya wami.
Donsakhipha donsakhipha.
Futhi ngingawenza umoya ube nomsindo Sssssssssssssss!
Futhi ngingawenza ube phansi Mmmmmmmm.
Manje ngiyayizwa inhliziyo yami ishaya!
Dudum, dudum, dudum.
Ngingayenza inhliziyo yami ishaye ngamandla futhi ngokushesha?
Yebo, nginga gxumagxuma kufikela kumashumi amabili.
Awubheke inhliziyo yami isishaya ngamandla.
Dudum, dudum, dudum!
Futhi uma ngibeka iminwe yami esihlakaleni, ngiyakuzwa ukushaya kwegazi!
Ngabe iminwe iyezwa?
Futhi ngiyakwazi ukuzizwa ngihleka.
Haha haha haha hahahha!
Noma ngikhala.
Hhi, hhi, hhi.
Noma ngishaya izandla.
Pha, pha, pha!
Phezu kwako konke ngiyasizwa isisu sami sikhala gudu gudu.
Sithi, "Ngiphe ukudla, ngiphe ukudla."
Ikhala lami liyalizwa iphunga ekhishini, elikamama?
Ngabe ikhala liyezwa?
Kumnandi ukulalela umzimba wami.
Manje ngifuna ukuzwa imihlathi yami ihlafuna.