Emandulo kwakukhona umndeni owawuhlala ujabule.
Abantwana babezwana. Behlale besiza abazali babo endlini kanye nasengadini.
Kodwa babengavunyelwe ukusondela eduze komlilo.
Kwakumele benze yonke imisebenzi yabo ebusuku.
Ngoba babenziwe ngamakhandlela!
Kodwa omunye wabafana wayekufisa ukuphumela ngaphandle elangeni.
Ngelinye ilanga wayehalela ukuphumela ngaphandle. Abafowabo bamxwayisa.
Kodwa kwabe sekungasasizi ngalutho! Wancibilika elangeni elishisayo.
Abafowakhe babephatheke kabi bebona umfowabo encibilika ephela.
Kodwa baveza isu. Baphendula amafutha ayesencibilikile bawenza inyoni.
Bamthatha umfowabo oseyinyoni bambeka phezulu entabeni.
Ngokuphuma kwelanga, wandiza eculela ukukhanya kwasekuseni.