Inyanga nekepisi
Noni
Angie & Upesh

Sonke sahamba saya endalini yasemakethe.

1

Ubaba wathengela uXolani izibuko ezinhle. Umama wangithengela ikepisi egqamile eluhlaza sasibhakabhaka. Ingane yona yathola uswidi.

2

Endleleni eya ekhaya kwaba nesivunguvungu somoya. Saphephula ikepisi lami.

3

Ikepisi lami lagaxela esihlahleni.

4

Ngakhala kakhulu angizange ngidle nesidlo sami sakusihlwa.

5

Ngabo lobobusuku, kwaphuma inyanga yakhanyisa ngqo ekepisini lami elisesihlahleni.

6

Inyanga yayilinganisa ikepisi lami yase imamatheka, nami ngahleka.

7

Ngosuku olulandelayo ukuphuma kwesikole umama wanginika ikepisi entsha ebomvu. "Ilethwe yinyanga," kusho umama.

8

Ngalobobusuku mina nenyanga sawagqoka amakepisi ethu sahleka. Sasijabule.

9

Ucabanga ukuthi ilanga liyasidinga isigqoko?

10

Qagela yisiphi isigqoko engisigqoke namuhla!

11
You are free to download, copy, translate or adapt this story and use the illustrations as long as you attribute in the following way:
Inyanga nekepisi
Author - Noni
Translation - Zimbili Dlamini
Illustration - Angie & Upesh
Language - isiZulu
Level - First words