Ukuhambisana
Jade Mathieson
Louwrisa Blaauw

Lapho sihamba ngezinyawo nendlela iyinde, sizohambisana futhi siziculele.

1

Nginawe futhi nawe unami. Umndeni wethu uyakujabulela ukuhamba.

2

Ngizokugcina ufudumele njengoba kwenza isikhukhukazi.

Sigcina amatshwele aso efudumele ngaphansi kwamaphiko aso.

3

Uma imvula evela esibhakabhakeni iqala ukuna, ngizogcina ubuso bakho bomile njengaleso sigqoko esihle.

4

Lapho amafu esiphepho eqala ekudinwa, ukuthukuthela nokucasuka, yima isibindi, ukhalelani? Awuwedwa.

5

Siyahambisana ngakho ngeke silokothe sibe nesizungu.

Bheka phezulu! Bheka eduze kwakho! Bheka izinto esesizibonile!

6

Uma ubona okuthile okuhlekisayo, nami ngiyafuna ukukubona.

Ngicela ungitshele ngako!

7

Uma izinyawo zakho ziqala ukuba buhlungu ngenxa yohambo esiluhambile, ungakhathazeki, sesifikile!

Ekugcineni, nanku umtholampilo.

8

Sonke siyakudinga ukuba imiqala, amaphaphu nendlebe zethu kuhlolwe.

Njengoba ukhula qina, asikho isidingo sokukhala.

9

Ingabe ucabanga ukuthi kuyethusa? Bamba isandla sami.

Ngaleli bhande lengalo elihlakaniphile uzohlola umfutho wegazi lakho.

10

Basinikeza imithi yethu, basitshele okufanele sikwazi, ukuze sonke sibe nemipilo enhle.

Manje sesibuyela ekhaya.

11

Akukho okubi ngokukhathala, kuningi kakhulu esikubonile.

Manje yisikhathi sokuba ulale. Ulale kahle futhi uphuphe kamnandi.

12
You are free to download, copy, translate or adapt this story and use the illustrations as long as you attribute in the following way:
Ukuhambisana
Author - Jade Mathieson
Translation - Robert Mchunu
Illustration - Louwrisa Blaauw
Language - isiZulu
Level - First paragraphs