Icebo elikhulu likaNtuthwane Omncane
Candice Dingwall
Steven McKimmie

UNtuthwane Omncane wayekuthanda ukufunda. UNtuthwane Omncane wayevame ukugconwa nokuchukuluzwa.

"Izintuthwane azifundi. Izintuthwane kufanele zazi ukudla nje kuphela. Izintuthwane ziqoqa ukudla ezikudingayo."

1

UNthuthwane Omncane wayefunda usuku lonke.

2

Kanti ezinye izintuthwane zazithatha noma yini eziyitholayo ukuze ziyoyigcina ngaphansi komhlaba, zilungiselela ubusika.

3

Umama nobaba kaNtuthwane Omncane bacasuka kabi kakhulu, kanti noNtuthwane Omncane naye waphatheka kabi kakhulu.

4

Ekwindla lapha amaqabunga ewela phansi, izintuthwane kufanele ukuthi zigcine ukudla kwazo emgodini ngaphansi.

5

Indlovukazi yona ifuna ukudla ukuthi kugcwale enqolobaneni, nokusho ukuthi zonke izintuthwane kusafanele ukuthi zisebenze kakhulu.

6

UNtuthwane Omncane uyaqala uyamemeza ngendawo afunde ngayo.

"Thina lapha sidinga irestorenti, nokuyindawo lapho abantu behamba befika bedle khona. Kushiwo njalo lapha ezincwadini zami ezinkulu engizifundayo."

7

Zasuka lapho izintuthwane zamasha zihamba ngazodwana. Zihamba zibheke ngalapho kushona ngakhona ilanga.

8

Khona manjalo uNtuthwane Omncane wathi, "Hhayibo, nansiya irestorenti!"

9

Zaqhubeka izintuthwane zihamba zilandelana zishaye ujenga, zithwele ibhega, zithwele ibhani.

10

Kwathi lapho izintuthwane zibuya, Indlovukazi yabe ithokozile.

Kwagcwala izinqolobane. Kwadansa wonke umuntu yinjabulo.

11

UNtuthwane wabe esetholwa ukwangwa ngumama nobaba wakhe.

12

Udadewabo kaNtuthwane omncane wathatha isindla sakhe wabe esethi kuye, "Uyabona manje ngicabanga ukuthi ngiyakuqonda okwenzekayo."

"Indlela othanda ngayo ukufunda incwadi, yenza ukuthi nami ngifune ukufunda incwadi."

13
You are free to download, copy, translate or adapt this story and use the illustrations as long as you attribute in the following way:
Icebo elikhulu likaNtuthwane Omncane
Author - Candice Dingwall
Translation - Robert Mchunu
Illustration - Steven McKimmie
Language - isiZulu
Level - First paragraphs