U-Daisy omangalisayo!
Nozizwe Herero
Siya Masuku

Kwathi ngelinye ilanga epulazini elincane eduzane nendawo…

1

…kwakukhona inkukhu encane igama layo okwakuthiwa uDaisy.

2

"Uma sengikhulile ngaba mdala, ngifuna ukundiza ngindizele phezulu esibhakabhakeni," kusho uDaisy.

3

Kodwa zonke ezinye izinkukhu zamhleka kakhulu.

4

"Uyazi wena unomsangano ngempela," kusho ezinye izinkukhu zibhekise kuDaisy.

"Thina angeke sisaphinda sidlale nawe."

5

"Uyabona Daisy, sonke singakwazi ukubhakuzisa amaphiko ethu kodwa kunzima kakhulu ukuthi izinkukhu zingandiza," kusho uMama etshela uDaisy.

6

UDaisy wayengafuni ukwehluleka. Nsuku zonke wayelokhu ezama ukuzifundisa ukundiza, wayelokhu ebhula amaphiko akhe.

Bhaku, bhaku, bhaku, uDaisy wabhakuzisa amaphiko akhe kodwa wangakwazi ukusuka phansi.

7

Kwakuthi lapho ezama ukuzejwayeza ukundiza, uDaisy wazibona ngamehlo engqondo esendizela phezulu esibhakabhakeni ebuka ezinye izinkukhu ziphansi zihamba emhlabathini ezansi kwakhe.

Wayezibona ngamehlo engqondo esendiza edlula izinyoni, ondlunkulu, nezinkonjane.

"Hawu bo!" kubabaza izinyoni. "Inkukhu endizayo!"

8

Bhaku, bhaku, bhaku, nsuku zonke uDaisy wayebhula amaphiko akhe.

9

UDaisy wayesuka phansi aqale andize kodwa abuye awe phansi futhi.

10

"Kuyacaca ukuthi mina angeke ngiphinde ngikwazi ukundiza!" kusho uDaisy ekhala ekhuluma noMama.

"Kusho ukuthi bebeqinisile laba kade besho kanjalo."

11

"Uyabona wena Daisy, uyazi nje wehlukile kwezinye izinkukhu. Lezi ezinye izinkukhu azifuni ukundiza kodwa wena uyafuna! Futhi wena ngiyakwazi ungandiza uma usuthanda," kusho uMama.

12

Ngosuku olulandelayo, uDaisy wagibela phezu kwehhoko yezinkukhu wathi esuka lapho wathi bhaku, bhaku, bhaku, uDaisy wabhakuzisa amaphiko akhe.

Wasuka lapho wandiza wabheka phezulu emoyeni wabe esebhakuzisa amaphiko akhe … wabe esebhakuzisa amaphiko akhe … wabe esebhakuzisa amaphiko akhe ngemuva kwalokho … wabe…

13

BHU PHANSI!

14

Ezinye izinkukhu zavele zahleka kakhulu. "Ha ha ha! Sikutshelile! Sathi izinkukhu azikwazi ukundiza!"

15

Kodwa ngosuku olulandelayo uDaisy wagibela waya phezulu, phezulu kakhulu, wafika esicongweni sendlu karondo.

Bhaku, bhaku, bhaku, uDaisy wasuka lapho wabhukuzisa amaphiko akhe.

16

Wasuka lapho wandizela phezulu emoyeni ebhakuzisa amaphiko akhe … waqhubeka wabhakuzisa amaphiko akhe … wabe esebhakuzisa amaphiko akhe, ngemuva kwalokho …

17

Waqhubeka wandiza uDaisy!

Kepha umoya ngaphansi kwamaphiko akhe wakhula ngamandla kodwa walokhu eqhubeke njalo uDaisy endizela phezulu naphezulu!

Izinyoni eziningi okungondlunkulu nezinkonjane zathi, "Isimanga bo! Inkukhu endizayo! Wozani nizobona bo!"

18

Kanti nezinye izinkukhu zasezifuna ukufana noDaisy.

19

Ezinye izinkukhu zathi kuye, "Hawu Daisy, hhayi wena, uyazi uyamangalisa!"

20
You are free to download, copy, translate or adapt this story and use the illustrations as long as you attribute in the following way:
U-Daisy omangalisayo!
Author - Nozizwe Herero
Translation - Robert Mchunu
Illustration - Siya Masuku
Language - isiZulu
Level - Longer paragraphs