Silindele umntwana wethu
Ursula Nafula
Catherine Groenewald

Namhlanje ilanga elibalulekile! Emva kokulinda izinyanga eziyisishiyagalolunye, umama kaThabi uya esibhedlela ukuyobeletha. Uzobuya emva kwezinsuku ezintathu.

Uyakwazi ukufunda nokusho umhlakabani uphinde usho nosuku lweviki ekhalendeni?

Umama kaThabi uyobuyela ekhaya ngomhlaka bani?

1

"Usale kahle sithandwa sami!" kuvalelisa umama wakhe. "Usale ulekelela ubaba. Ngizobuya masinyane, ngibuye nesimanga sethu sonke!"

Umntwana usekhule ngempela esiswini sikamama ngangokuthi uThabi akasakwazi ukumanga kahle umama wakhe, izingalo zakhe azisahlangani njengaloko zazihlangana ngaphambilini.

2

Nansi itekisi seyihutha ngaphandle, seyilande umama wakhe. Waqala wakhala uThabi. Ubaba wakhe wamphakamisa wambeka emahlombe akhe.

Uyakujabulela ukuba phezulu kanjeya, kude nephansi. Manje usemude kunobaba wakhe, ikhanda lakhe lidlula ubaba wakhe.

Uma ubaba kaThabi emude nge-1,6 wemitha noma engamasentimitha ayi-160, ngabe uThabi uqhele kangakanani kusuka phansi manje?

3

Ngokushesha nje, uThabi usekhathazekile futhi, useyakhala. Kuyaqala ngqa empilweni yakhe ukuba ahlukane nomama wakhe, usuku lonke.

Uyamehlisa ubaba wakhe, umbeka esitulweni esiphambi kwakhe. Umesula izinyembezi, ukhuluma naye kamnandi uyamduduza.

4

Ha! UThabi wazizwa esenesibindi, wama wathi thwi esitulweni sakhe. "Ngineminyaka eyisithupha! Ngikhulile!" eqhoshela ubaba wakhe.

Uma emi kanje phezu kwesitulo sakhe uselingana nobaba wakhe ngobude manje. Uyakhumbula ukuthi mude kangakanani ubaba kaThabi?

UThabi mude kangakanani uma emi phansi engagibele esitulweni?

5

UThabi kumele alinde izinsuku ezintathu nje kuphela kusuka ngoLwesithathu kuze kube uMgqibelo, kodwa kuye lesi sikhathi ngathi iminyaka.

Usezama nokubala ukuthi uzolinda amahora amangaki.

Uyazi ukuthi usuku lunamahora angamashumi amabili nane, loko kusho ukuthi, "24 + 24 +24 kwenza _____."

Wena ngabe uyayazi impendulo yalesi sibalo?

6

UThabi usethi kubaba wakhe, "Baba, bengicabanga ukuthi ngiwumntwana wakho. Uye ungibize kanjalo, angithi. Manje sekuzokwenzeka kanjani? Sekuzophela ukuthi ngingumtwana wakho?"

"Uyohlala ungumntwana wethu, izibulo lethu lekhethelo, Thabi," emqinisekisa ubaba wakhe.

7

Emva kokuxoxaxoxa nokuphendula imibuzo kaThabi, ubaba wakhe useza necebo.

"Thabi, kunganjani ubhalele umama incwajana? Ungamtshela ukuthi umkhumbule kangakanani, futhi umbuze imibuzo eminye mayelana nomntwana esimulindele. Ngiqinisekile, uzokujabulela loko."

"Ngingakujabulela loko baba. Ungangisiza ukubhala?"

8

Emva kwelantshi, ubaba wakhe amsize ukubhala incwadi leyo. Funda incwadi kaThabi:

Mama othandekayo,

Ngiyakuthanda futhi ngiyakukhumbula! Ubaba uthi uzobuya ekhaya ngoMgqibelo! Ngempela na? Senginijahile wena nomntwana. Nginemibuzo eminingi! Umntwana, yintombazane noma umfana? Uzofana nami? Uzoqala nini ukuhamba nokukhuluma?

Ngothando,
uThabi, umntwana wakho omkhulu.

9

Eseqedile ukubhala incwadi yakhe, uqala ukuzicabangela izinto eziningana.

"Mhlawumbe kunabantwana ababili abathwele. Mhlawumbe amawele njengabanye abangani bami." UThabi ucabanga ngo Zodwa noBrenda, amawele, afana ncimishi.

"Kazi awakithi wona azoba njani?" ingqondo yakhe ithatha iyabeka.

10

Usuku olukhulu selufikile. UThabi ulujabulele. Ulinde nje izinsuku ezintathu noma amahora angamashumi ayisikhombisa nambili, kodwa sengathi ubelinde izinyanga eziyisishiyagalolunye. Lesi yisikhathi abasilindile, bemele umntwana akhule esiswini sikamama wakhe.

UThabi ubala nanokuthi konje le ndaba yaqala ngayiphi inyanga. "Kusuka ngo Ephreli kuya kuMashi ubala uhlehla nyova, inyanga eyodwa, uye kuFebruwari izinyanga ezimbili…"

Wena uyakwazi ukubala uhlehle nyova izinyanga eziyisishiyagalolunye?

11

UThabi usezwa abazali bakhe sengathi yibo laba abakhuluma emnyango wangaphambili. Uyathula du. Ufuna ukubamangaza.

Kodwa futhi uThabi ulindele okukhulu kunaloko! Isimanga! Umama wakhe ufike namawele, umfana nentombazane!

12
You are free to download, copy, translate or adapt this story and use the illustrations as long as you attribute in the following way:
Silindele umntwana wethu
Author - Ursula Nafula
Translation - Pumla Mdontswa
Illustration - Catherine Groenewald
Language - isiZulu
Level - Read aloud