Ngihlale ngimangala ukuthi ngabe ukhona yini omunye umuntu oyimina kwenye nje indawo emhlabeni.
Ofana nami.
Futhi okhuluma njengami.
Futhi onoboya obuphothekile njengami.
Umuntu onamehlo namadlebe afana nawami.
Umuntu oze ahleke njengami.
Umuntu ongenza lokho name engingakwenza …
… umuntu ongeke akwenze lokho nami engingeke ngikwenze.
Ngibhekile ngaphinda ngabheka yonke indawo ukuze ngithole omunye umuntu oyimina. Ngehlile ngaqonda ezansi epaki ngabheka nangemuva kwezihlahla.
Ngabheka eceleni, phansi naphezulu …
… ngibuka ubuso nobuso engibubonayo.
Kodwa angikwazanga ukuthola omunye umuntu oyimina ngisho nakweyodwa enye indawo.
Kusho ukuthi munye kuphela umuntu oyimina emhlabeni! Ngikhethekile, futhi lokho kuliqiniso elikhulu!
Kodwa-ke akusimina kuphela nje, usho ukuthi ngabe wena kawuboni? Nawe munye kuphela umuntu onguwena!