Ngabe ukhona yini ofana nami?
Fred Strydom
Jess Jardim-Wedepohl

Ngihlale ngimangala ukuthi ngabe ukhona yini omunye umuntu oyimina kwenye nje indawo emhlabeni.

1

Ofana nami.

2

Futhi okhuluma njengami.

3

Futhi onoboya obuphothekile njengami.

4

Umuntu onamehlo namadlebe afana nawami.

5

Umuntu oze ahleke njengami.

6

Umuntu ongenza lokho name engingakwenza …

7

… umuntu ongeke akwenze lokho nami engingeke ngikwenze.

8

Ngibhekile ngaphinda ngabheka yonke indawo ukuze ngithole omunye umuntu oyimina.

Ngehlile ngaqonda ezansi epaki ngabheka nangemuva kwezihlahla.

9

Ngabheka eceleni, phansi naphezulu …

10

… ngibuka ubuso nobuso engibubonayo.

11

Kodwa angikwazanga ukuthola omunye umuntu oyimina ngisho nakweyodwa enye indawo.

12

Kusho ukuthi munye kuphela umuntu oyimina emhlabeni!

Ngikhethekile, futhi lokho kuliqiniso elikhulu!

13

Kodwa-ke akusimina kuphela nje, usho ukuthi ngabe wena kawuboni?

Nawe munye kuphela umuntu onguwena!

14
You are free to download, copy, translate or adapt this story and use the illustrations as long as you attribute in the following way:
Ngabe ukhona yini ofana nami?
Author - Fred Strydom
Translation - Robert Mchunu
Illustration - Jess Jardim-Wedepohl
Language - isiZulu
Level - First paragraphs