UNonkungu kanye nembulu
Alan Kenyon
Wiehan de Jager

Kwasuka sukela, kwakunendoda eyayihlupheka nomfazi wayo. Babenengane eyodwa vo yentombazane, igama layo kunguNonkungu. UNonkungu wayemuhle futhi elungile. Abazali bakhe babemthanda kakhulu.

1

Ngelinye ilanga abazali bakhe bamhambisa kumalume wakhe uMntonyama owayeyisicebi. Umama kaNonkungu wamthungela isiketi sekhethelo, esinelibhini, nezinkinobho kanye nobuhlalo. Wamenzela nomgexo omuhle owenziwe ngobuhlalu.

2

Endleleni uNonkungu wafica umfula okwakumele awuwele enyathela ematsheni. Ngaphesheya komfula wahlangana nentombazanyana eyayigqoke itshali.

3

"Uyaphi?" kubuza intombazanyana. "Ngivakashela umalume wami uMntonyama," kusho uNonkungu. "Kulungile uMntonyama ungumalume wami, futhi nami ngisendleleni evakashela yena," kusho intombazanyana. Babe sebehambisana ke.

4

Bengakahambi nje ibanga elide intombazanyana yathi, "Isiketi sakho sihle kanye nobuhlalu bakho. Ngicela ungiboleke kengibulinganise." uNonkungu wakhumula isiketi kanye nobuhlalo wanika intombazanyana.

5

Ngesikhathi intombazanyana ikhumula itshali layo igqoka ingubo kaNonkungu, uNonkungu wabona ukuthi le ntombazanyana inomsila! UNonkungu waqala ukwesaba. Waba nesiqiniseko sokuthi lentombazanyana iyimbulu.

6

Baqhubeka bahambisana. "Ngicela ungibuyisele isiketi sami kanye nobuhlalu," kusho uNonkungu. Kodwa imbulu yathi, "Ngivumele ngibugqoke size sifike kulesiya sihlahla." Isho ikhomba isihlahla esisegqumeni.

7

Bathi sebefike esihlahleni, uNonkungu wathi kwimbulu, "Ngicela ungibuyisele isiketi sami kanye nobuhlalu bami." "Ngivumele ngisigqoke size sifike emfuleni olandelayo," kusho imbulu. UNonkungu wayesesaba, wavuma.

8

Ekugcineni bafika emfuleni. Waphinda uNonkungu wacela imbulu, "Ngicela ungibuyisele isiketi sami kanye nobuhlalo." "Ngivumele ngisigqoke size sifike kuleyandlu ehleli omama," kusho imbulu. Baqhubeka bahamba.

9

Bathi sebefika kuleyondlu enomama, imbulu yashiya uNonkungu yase ithi, "Anibheke lentombazane egqoke itshali. Kade ilokhu ingilandela yonke indlela. Ngifisa sengathi ingasuka la." UNonkungu wayephoxekile futhi ethukile, wase waya esibayeni wayocasha.

10

Imbulu yabe seyiya endlini kamalume uMntonyama, yafike yathi, "Ngingumshana wakho, uNonkungu. Abazali bami bangithumele ukuba ngizohlala nawe." UMntonyama wayemukela intombazanyana. Yena nomndeni wakhe bayiphatha kahle imbulu. Kodwa bandla uNonkungu wayelala esibayeni edla nezinja.

11

Emini uNonkungu wayehamba aye emasimini, acashe ngamahlanga acule: "O mina engilusizi, ngangithunyelwe ngubaba nomama, ukuba ngizohlala nomalume uMntonyama. Endleleni ngaficana nembulu yangithathela isiketi sami kanye nobuhlalo. Oh mina engilusizi."

12

Ngeliye ilanga omunye wabafowabo baka Mntonyama, wezwa umuntu ocula kamnandi kodwa wayengawuzwa ukuthi lomculo uqhamuka ngakuphi. Wathi uma efika ekhaya waxoxela uMntonyama ngeculo. Ngaso leso sikhathi uMntonyana waphuthuma emasimini. Walizwa iculo wamfuna waze wamthola uNonkungu.

13

UNonkungu wamxoxela ukuba kwenzekani, ukuthi imbulu yazithatha kanjani izingubo zakhe yase yamembathisa itshali. UMntonyama wamthatha uNonkungu wahamba naye wafike wamfihla endlini. UMntonyama wayesazi ukuthi imbulu uzoyibamba kanjani.

14

UMntonyama wayeke wezwa ukuthi umsila wembulu uyaluthanda ubisi, kangangoba awukwazi ukudlula obisini engaluphuzanga. Wacela amadoda ukuthi ambe umgodi bese bethela amasi phakathi. Wabe esebiza wonke amantobazanyana asemphakathini ukuba azongenela umncintiswano wokweqa umgodi.

15

Intombazanyana eyayigqoke isiketi nobuhlalu bukaNonkungu yayikhathazekile. Yayingafuni ukweqa umgodi. Yayazi ukuthi umsila wayo uzonxanelwa amasi. Yahamba yaya endlini yawubophela emhlane. Yabuyela endaweni yayo kwamanye amantombazane.

16

Yathi uma yeqa umgodi, umsila wayo waqonda emasini.

17

Ngesikhathi imbulu isazabalaza emgodini onamasi, amadoda avala umgodi ngenhlabathi ngokushesha. Bayingcwaba lapho. Kwabe sekungukuphela ngembulu. UNonkungu wahlala ngokujabula kwamalume wakhe isikhathi eside. Cosi cosi yaphela.

18
You are free to download, copy, translate or adapt this story and use the illustrations as long as you attribute in the following way:
UNonkungu kanye nembulu
Author - Alan Kenyon, Viv Kenyon
Translation - Phumy Zikode, Zimbili Dlamini
Illustration - Wiehan de Jager
Language - isiZulu
Level - First paragraphs