UBonga noNondlini wakwabo – Abangani abakhulu
Ruth Odondi
Rob Owen

Ngu Bonga lo. Uneminyaka eyishumi, ufunda ibanga lesihlanu esikoleni samabanga aphansi khona la esigodini sakubo. UBonga uhlale ephuma phambili njalo ebangeni lakhe.

Abanye abafundi bahlale bezibuza, "Kazi wenza ngani uBonga?" Bazibuza mihla le bemangele. "Uphuma phambili ekufundeni! Wenza ngani yena yedwa?"

UBonga uyabatshela ukuthi uphumelela ngoba efunda izincwadi eziningi, ngesikhathi bemosa isikhathi bedlala, yena uchitha isikhathi sakhe ngokuthi afunde.

1

Ngesinye isikhathi uBonga uhola amarandi angamashumi ayisishiyagalombili. Uchitha imali yakhe eningi ngokuthenga lonke uhlobo lwencwadi esitolo esithengisa ngamasekeni khona laphaya esigodini sakubo.

Uyihola kanjani le mali uBonga? Qhubeka nokufunda uzizwele.

2

Nangu-ke uNondlini, inkomazi yakubo ka Bonga. Ukhiqiza amalitha angaphezu kwangamashumi amabili obisi, ngelanga. Ubaba kaBonga ke bese ethengisa lolu bisi lukaNondlini.

Inkomazi idinga ukudla namanzi, futhi nanesikhathi ukweluselwa emathafeni. Ngakho-ke uBonga, welusa uNondlini wakwabo zonke izinsuku uma ebuya esikoleni. Ubaba wakhe-ke umupha imadlana ngalo msebenzi wokwelusa enakekela inkomazi yakwabo. Yile mali uBonga ayongayo, athenge ngayo izincwadi iviki neviki.

3

Okokuqala nje, uBonga unika inkomazi isixha seziqathi. Umnika iziqathi eziyisishiyagalombili ngosuku. Usuku nosuku, uBonga ukha lezi zixha engadini yemifino kababa wakhe. Ukha izixha ezanele usuku kuphela.

Nawe ungazibalela. Uzothola ukuthi inkomazi le idla iziqathi ezilinganiselwa kwezinga-60 ngeviki. Ungasitshela ukuthi empeleni, inkomazi idla iziqathi ezingaki?

4

Emva kokupha inkomazi iziqathi, uBonga uyayithatha inkomazi aye nayo emadlelweni. Ubaba wakhe uyamyala ukuthi angayidlisi emadlelweni isikhathi eside. Akumele idle lapho isikhathi esedlule imizuzu engamashumi amane nanhlanu.

Imvamisa, inkomazi idla emadlelweni isikhathi esibekelwe emva kwamadina bese eyiqhuba seyibheke ekhaya, ilungele ukusengwa. Ebusika, kusheshe kuhwalale, ngakho-ke uBonga usheshe ayiqalise ukudla emadlelweni mhlawumbe lapho ligamanxa elokuqala emini.

5

Okulandelayo, uBonga kumele anike uNondlini amanzi. Ngaphandle kwamanzi, inkomazi ngeke ikhiphe ubisi, akukhathaleki engamupha kangakanani ukudla. UBonga ubuye ayokukha amanzi ngamabhakede empompini yomphakathi eseduze.

Isisu senkomazi singamumatha amanzi alinganiselwa kumalitha angamashumi amathathu. Ibhakede ngalinye limumatha amalitha ama-5 kuphela. Ukuze amanzi agcwale esiswini, uBonga kumele aye ephindelela empompini. Ungabala ukuthi uphindelela kangaki uBonga empompini?

6

Emva kokuphuza amanzi, uBonga udlulisela inkomazi kubaba wakhe ukuthi ithole amakhilogremu ayishumi nambili okudla okugqakaziwe. Kusho ukuthi udla cishe amakhilogremu angamashumi ayisishiyagalolunye ngeviki.

Isakana lomgqakazo libiza amarandi angamashumi amathathu nesishiyagalolunye. UBonga uyabala ukuthi kubiza malini ukudla okudliwa yinkomazi iviki neviki. Uqala abale ukuthi amasaka ayisikhombisa abiza amarandi angamashumi amane (R40) kwenza amarandi angama-280 (R280). Emva kwaloko ususa amarandi ayisikhombisa ukuze athole R273. "Kungaphezu kwe R1 000 ngenyanga!" kulinganisela uBonga. Ngabe uqinisile?

7

Ubaba kaBonga usenga uNondlini kabili ngelanga. Inkomazi ikhiqiza amalitha angamashumi amabili nane obisi ngelanga. Ukusengwa okukodwa kunika amalitha ayishumi nambili.

Ngesinye isikhathi uBonga uyasiza ngokusenga, kodwa, ukusenga akulula njengaloko ukubhekile. "Madoda! Ngelinye ilanga, nami ngiyoba nezinkomazi ezithi mina, komele ngizisengele mathupha," esho ecabanga yedwana.

8

Ubaba wakhe usezothatha ithunga athele emabhodleleni ayilitha noma emakanini angamalitha amabili. Usezothengisa lolu bisi oselukaliwe ngamarandi ayisishiyagalombili ilitha.

Kanye ngeviki ubaba kaBonga uphisana ngamalitha angamashumi amabili nanhlanu esikoleni ukuze balusebenzisele uhlelo lokunikezela ngokudla. Yilowo nalowo mntwana uthola ikota yelitha lobisi. Loko kusho ukuthi abantwana abayikhulu bangakwazi ukuthola ubisi ngalelo langa.

9

Ngalelo nalelo litha lobisi oluthengiwe, uBonga uthola amasenti angamashumi amahlanu. Akuyona imali eningi mawuyisho, kodwa uma ubaba kaBonga ethengise amalitha angamashumi amabili nane ngelanga, kuba imadlana ebhekile! Ungasho ukuthi kuba malini leyo?

UBonga wonga imali yakhe ngokucophelela kuze kube nguMgqibelo. Lapho ke uzothola ithuba lokuya esitolo sezincwadi. Kulesiya sitolo, incwadi ayibizi ngale kwamarandi ayishumi, ngakho-ke evikini la izinto zihambe kahle khona, lwathengwa kahle ubisi, angakwazi ukuthenga izincwadi ezimbalwa.

10

UBonga naye uyathanda ukuphuza ubisi lwenkomazi yakwabo. Ubaba wakhe uthi ubisi lusiza ukwakha amathambo namazinyo, futhi lwenza umuntu aphile kahle abe namandla.

Ngokuphuza ubisi nokudla imifino ephuma engadini kababa wakhe, uBonga unamandla! Akagulaguli futhi akalambi!

11

UBonga akakhohlwa ukubonga uNondlini usuku nosuku. Uyamklomelisa ngezinye iziqathi noma amacembe esipinashi awathola eziwele laphaya engadini.

"Ngiyabonga Dayimane likababa, Nondlini wakwethu, ungumngane wami omkhulu. Ngiphilile futhi ngihlakaniphile ngenxa yakho! Ukuba bewungekho, bengingeke ngikwazi nokuthenga zonke lezi zincwadi engizifundayo. Ziyangisiza kakhulu, ngibashaya emakhanda eklasini ngenxa yokufunda lezi zincwadi ongipha zona!"

12
You are free to download, copy, translate or adapt this story and use the illustrations as long as you attribute in the following way:
UBonga noNondlini wakwabo – Abangani abakhulu
Author - Ruth Odondi
Translation - Pumla Mdontswa
Illustration - Rob Owen
Language - isiZulu
Level - Read aloud