Kungani isibhakabhaka siluhlaza?
Asihlali siluhlaza. Kunjalo?
Kungani amaqabunga eluhlaza satshani?
Awahlali eluhlaza satshani. Akunjalo?
Kungani ubhanana uphuzi?
Ubhanana ovuthiwe uphuzi. Ongakavuthwa uluhlaza satshani.
Kungani isambulela simnyama?
Akusizona zonke izambulela ezimnyama.
Kungani igazi libomvu?
Kukhona izinikamandla egazini okuyizona ezenza igazi libe bomvu.
Kungani usawoti umhlophe?
Angazi.