Ngomunye uMgqibelo ntambama kushisa
Nombulelo Thabane
Wiehan de Jager

NguMgqibelo ntambama, ilanga lalikhipa inhlanzi emanzini.

1

"Zanele, Nosipho no Sanele. Phumani niyodlala ngaphandle." Kusho umama. Nangempela saphuma silandelana.

2

Khona manjalo kwezwakala uSanele ethi, "Masihambeni siyodlala ngasemfuleni, kupholile lapho." "Hhayi-bo! Umama wasitshela kahle ukuthi singayi ukuyobhukuda emfuleni." Kulanda uZanele. "Ngeke sibhukude, sizozidlalela emthunzini eduze namanzi," kuphendula uSanele.

3

Kodwa nokudlala nako, kufakelana ukushisa noma ungahlala emthunzini eduze nomfula. Saqala ngokukhipha izicathulo kodwa ukushisa kwathi ngikhona. Sakhumula amahembe neziketi, kodwa sasisezwela ukushisa.

4

Ngokushesha safaka izinyawo zethu emfuleni ukuze sizipholise. Sathelana ngamanzi. Kwagcina ngokuthi sibe manzi te!

5

"Kumnandi bakithi masivele sibhukudeni. Umama ngeke azi," kusho uNosipho. Sangena emanzini, sashaya amadamudamu sibhukuda kumnandi. Sakhohlwa.

6

Lashona ilanga, saqala sagodola. "Ziphi izingubo zethu?" sibuzana sodwa. Sabheka, sabheka, do!

7

Safuna phansi kwezihlahla. Ngubo wawula! Safuna esikhotheni, do! Sabheka yonke indawo.

8

Eduze nomfula kwakunezinkomo zizidlela, ezinye zizetshisela utshani zinanela ubumnandi botshani. Kwathi lapho uZanele ebheka phezulu, "Hhabe! Yini le esemlonyeni wenkomazi?" USanele waphendula ngokunganaki, "Idla imbali ebomvu." Ngokushesha uNosipho wamemeza, "Hehehe! Bhekisisa, akuyona imbali, ihembe lakho!"

9

Thushu! Nansi enye inkomo, nayo yayihlafuna okuluhlazana okwesibhakabhaka. "Isiketi sami!" kumemeza uZanele.

10

Sizokwenzenjani? Kwakumele siphindele ekhaya. Sahamba ngezimpahla zangaphansi, siqhaqhazela sibheke ekhaya.

Sasingasagodoliswa umoya opholile, kodwa sasiqhaqhazeliswa isenzo sezinkomo. Sahamba sikhala, "Izingubo zethu zidliwe izinkomo!"

11

Ucabanga ukuthi umama wakholwa yindaba esasixoxa ngezinyembezi? LUTHO! Ngokushesha, izinqe zethu zase zifudunyezwe induku.

12
You are free to download, copy, translate or adapt this story and use the illustrations as long as you attribute in the following way:
Ngomunye uMgqibelo ntambama kushisa
Author - Nombulelo Thabane, Tessa Welch
Translation - Pumla Mdontswa
Illustration - Wiehan de Jager
Language - isiZulu
Level - First paragraphs