UNonkungu kanye nembulu
Alan Kenyon
Wiehan de Jager

Kwasuka sukela, kwakukhona indoda nenkosikazi ababehlupheka kakhulu. Babenengane eyodwa vo, uNonkungu. Babemthanda kakhulu. Esekhulile, abazali bakhe bamhambisa ukuyohlala nomalume wakhe owayecebile. Igama lika malume kwakunguThembalabo. Umama wakhe wamthungela izingubo ezinhle zekhethelo, enye yazo yayihlotshiswe ngamaribhoni nezinkinobho ezicwebezelayo. Emva kwesinqumo sokuba ayohlala kwamalume, wabe esehamba ephikelele kwamalume wakhe.

1

Esahamba uNonkungu wafika emfuleni, wawela. Eselapho wahlangana nentombazane eyayigqoke amanikiniki. "Uyaphi?" kubuza intombazane. "Ngivakashela umalume wami uThembalabo," kusho uNonkungu. Yaphendula intombazane, "Hhawu! Nami ngivakashela umalume wami, naye igama lakhe nguThembalabo." Bahambisana ke. Bengakahambi ibanga elide intombazane yathi, "Yaze yayinhle ingubo yakho nomgexo wakho. Awungeboleke nami ke ngizilinganise."

2

Nempela, uNonkungu wakhumula izingubo zakhe wazinika le ntombazane. Ngesikhathi ikhumula amanikiniki ayo, uNonkungu wabona ukuthi inomsila! UNonkungu waqala ukwesaba manje. Kwamkhanyela ukuthi le ntombazane kwakuyimbulu. Noma kwase kukhona ukwesaba, baqhubeka bahambisana, uNonkungu wabe esethi. "Ngicela ungibuyisele izingubo zami."

3

Imbulu yamphendula yathi, "Ngivumele ngizigqoke size sifike kulesiya sihlahla." Isho ikhomba isihlahla esisegqumeni. Sebefikile esihlahleni, uNonkungu wathi kuyo, "Ngicela ungibuyisele izingubo zami."  "Ngivumele ngizigqoke size sifike kuleya nsimu," kusho imbulu ikhomba insimu engasegqumeni. UNonkungu wayesaba, ngakho-ke wavuma.

4

Ekugcineni bafika ensimini. Waphinda uNonkungu wacela imbulu, "Ngicela ungibuyisele izingubo zami kanye nobuhlalu bami." "Ngivumele ngizigqoke size sifike kuleya ndlu lapho kuhleli khona lawaya makhosikazi," kusho imbulu, ikhomba indlu ethe ukuqhela kubo. Baqhubeka bahamba. Bathi sebezofika ngasendlini leyo, imbulu yasunduzela uNonkungu ngemuva kwayo, yasho ngejubane, ishiya uNonkungu ngemuva.

5

Yafika yathi kula makhosikazi, "Ake nibheke le ntombazane egqoke amanikiniki, kade ilokhu ingilandela usuku lonke. Ngicela niyixoshe lapha." Amakhosikazi aphenduka abheka ngakuNonkungu. Wayethuke ngalendlela yokuthi wavele wabaleka wayocasha esibayeni sakulo muzi. Nansiya imbulu iqonda endlini kamalume uThembalabo. Yafike yakhuluma ngezwi elihle yathi, "Ngingumshana wakho uNonkungu. Abazali bami bangithumele lapha ukuba ngizohlala nawe."

6

UThembalabo nomndeni wakhe bajabula kakhulu bayemukela intombazane. Bayiphatha kahle, ingaludli olubabayo. UNonkungu wangempela nanguya elala esibayeni. Emini wayecasha emasimini acule athi, "Awu mina wokuhlupheka, mina wokuhlupheka. Ngathunyelwa ubaba nomama ukuzohlala nomalume uThembalabo. Endleleni ngahlangana nembulu yangephuca izingubo zami. Awu mina wokuhlupheka."

7

Ngelinye ilanga indodana kaThembalabo izihambela emasimini yezwa izwi elicula ngosizi. Yafika ekhaya yaxoxela uyise ngeculo elizwile. UThembalabo wanikela khona emasimini. Wazizwela naye leli culo. Wacinga waze wamthola uNonkungu.

8

UNonkungu waxoxela umalume wakhe ngale ndida nangako konke okwenzekile. Umalume wahamba naye uNonkungu. Wafika ekhaya waqinisekisa ukuthi uyamfihla endlini thizeni. Wayazi kahle ayezokwenza ukubamba imbulu. UThembalabo wayesezwile ukuthi umsila wembulu uthanda ubisi nokuthi awedluli obisini ungaluphuzanga. Umalume-ke watshela abantu bakhe ukuthi bambe umgodi bawugcwalise amasi.

9

Ukusuka lapho, umalume wabiza wonke amantombazane asendaweni ukuthi azoqhudelana ngokweqa umgodi. Imbulu yayikhathazeke kakhulu ngalokhu. Yayingafuni ukweqa umgodi. Imbulu yayazi kahle kamhlophe ukuthi umsila wayo uzokomela amasi uma yeqa lowo mgodi. Yangena endlini yabophela umsila wayo emzimbeni wayo, yawuqinisa nsi. Yabe seyingena nayo emqhudelwaneni wokweqa umgodi namanye amantombazane.

10

Aqala-ke amantombazane agxuma eqa umgodi owawugcwele amasi. Lafika ithuba lembulu. Yagxuma kakhulu yeqa, kodwa umsila wayo wasombuluka wayidonsela phansi emgodini onamasi. Yangena yashona emgodini ingena emasini.

11

Kusenjalo, imbulu isatabalaza ukuphuma emgodini, amadoda agcwalisa umgodi ngenhlabathi ayigqiba imbulu. Kwaba ukufa kwayo imbulu. UNonkungu wahlala kamnandi kwamalume wakhe ejabulile.

12
You are free to download, copy, translate or adapt this story and use the illustrations as long as you attribute in the following way:
UNonkungu kanye nembulu
Author - Alan Kenyon, Viv Kenyon
Translation - Phumy Zikode, Pumla Mdontswa, Zimbili Dlamini
Illustration - Wiehan de Jager
Language - isiZulu
Level - Read aloud