Kudala uSkhukhukazi no Khozi babengabangane. Ngelinye ilanga uKhozi wathola uSkhukhukazi ngaphansi kwesihlahla eziphumulele nezikhwama zakhe zokuthenga ezitolo. USkhukhukazi wayeme ngonyawo olulodwa.
UKhozi wabuza uSkhukhukazi, "Luphi unyawo lwakho?"
USkhukhukazi wathi ku Khozi, "Umninisitolo ulunqumile unyawo lwami wase enginikeza lokhu kudla."
UKhozi wabuza uSkhukhukazi ukuthi angakwazi yini yena na ukwenza okufanayo. Phela naye wayesifuna isikhwama esinokudla. USkhukhukazi wavuma.
UKhozi wahamba waya kumninisitolo wamcela ukuthi amnqume unyawo olulodwa ukuze naye athole isikhwama esinokudla. Umninisitolo wavuma.
UKhozi waxhaxhama ngonyawo olulodwa indlela yonke eya ekhaya. Kodwa wayejabulile ngezinto umninisitolo ayemnike zona.
UKhozi uma efika ekhaya wathola USkhukhukazi enezinyawo zakhe zombili.
UKhozi wayethukuthele egane unwabu wase wamxhosha uSkhukhukazi. Kodwa akaze wambamba. Kunalokho, uKhozi uhleli eqaphe izingane zikaSkhukhukazi. Noma nini uma ebamba eyodwa, uyayidla.