Uskhukhukazi Ukhohlisa Ukhozi
Nathan Higenyi
Rob Owen

Kudala uSkhukhukazi no Khozi babengabangane. Ngelinye ilanga uKhozi wathola uSkhukhukazi ngaphansi kwesihlahla eziphumulele nezikhwama zakhe zokuthenga ezitolo. USkhukhukazi wayeme ngonyawo olulodwa.

1

UKhozi wabuza uSkhukhukazi, "Luphi unyawo lwakho?"

2

USkhukhukazi wathi ku Khozi, "Umninisitolo ulunqumile unyawo lwami wase enginikeza lokhu kudla."

3

UKhozi wabuza uSkhukhukazi ukuthi angakwazi yini yena na ukwenza okufanayo. Phela naye wayesifuna isikhwama esinokudla. USkhukhukazi wavuma.

4

UKhozi wahamba waya kumninisitolo wamcela ukuthi amnqume unyawo olulodwa ukuze naye athole isikhwama esinokudla. Umninisitolo wavuma.

5

UKhozi waxhaxhama ngonyawo olulodwa indlela yonke eya ekhaya. Kodwa wayejabulile ngezinto umninisitolo ayemnike zona.

6

UKhozi uma efika ekhaya wathola USkhukhukazi enezinyawo zakhe zombili.

7

UKhozi wayethukuthele egane unwabu wase wamxhosha uSkhukhukazi. Kodwa akaze wambamba. Kunalokho, uKhozi uhleli eqaphe izingane zikaSkhukhukazi. Noma nini uma ebamba eyodwa, uyayidla.

8
You are free to download, copy, translate or adapt this story and use the illustrations as long as you attribute in the following way:
Uskhukhukazi Ukhohlisa Ukhozi
Author - Nathan Higenyi
Translation - Zanele Zulu and Nomandla Nene
Illustration - Rob Owen
Language - isiZulu
Level - First paragraphs