UHamisi udinga umfaniswano omusha wesikole. Ubaba wakhe umusa ezitolo.
UHamisi ubona umfana ogqoke ihembe elihle. "Laze lalihle leliya hembe," kucabanga uHamisi.
"Nami ngifisa ukuba nehembe elifana nelaloya mfana," kusho uHamisi.
"Bheka, uthengisa amahembe amahle," kusho uHamisi. "Baba, ngicela ungithengele lona," esho uHamisi.
"Hamisi, kufanele ngikuthengele umfaniswano," kusho ubaba wakhe.
"Anginayo imali eyanele yokuthenga leliya hembe," kusho ubaba wakhe.
Ubaba kaHamisi ukhokhela umfaniswano. Uyamangala lapho ebona kubuya ushintshi. Kusele imali eyanele ukuthi angathenga ihembe!
Waze wanenhlanhla uHamisi! Uzokhetha liphi ihembe?