Silangazelela ugqozi lokubungaza intwasahlobo
Mosa Mahlaba
Selina Masego Morulane

Umphakathi wakubo Nkanyezi wawusulindele ukungena kwentwasahlobo. Maduzane nje, izakhamuzi zase zilungisela ukugubha umkhosi wokungena kwesikhathi sonyaka esisha, okwabe kuyintwasahlobo. UNkanyezi, njengomunye wesakhamuzi, naye wayewulangazelela lo mkhosi. Kwakuzoba wusuku oluhlukile kunazo zonke ezinye izinsuku.

1

Ngelinye ilanga wathi uNkanyezi ezihlalele nje, wezwa abantu abadala ababili bexoxa ngalo mkhosi. "Abantu balapha esigodini saseNdlovini abasenalo isasasa lokugubha umkhosi wokwethwasa kwehlobo," kuphawula omunye wabo. "Singawugubha kanjani umkhosi wokwethwasa kwehlobo, endaweni lapho abantu sebakhohlwa nokuthi lugujwa kanjani lolu suku?" kubuza lo omunye.

2

Yamkhathaza uNkanyezi le nkulumo yabantu abadala. Khona manjalo wezwakala esezibuza, eziphendula. "Singasikhuthaza kanjani isizwe esesiphelelwe umdlandla wokugubha umkhosi wentwasahlobo?" Emva kokucabanga ngalesi simo, wabe esethatha isinqumo, wathi, "Kufanele ngithole ukuthi ngabe salahleka kuphi njengesizwe. Kufanele ngiphume, ngiyothola loko okwasilahlekela thina sizwe saseNdlovini, ngibuye nesu lokubuyisa umdlandla nogqozi lokubungaza emphakathini wakithi."

3

Abadala baseNdlovini bamnika zonke izibusiso uNkanyezi ngohambo ayezoluthatha. Bamnika nesikhwama ayezofaka kuso loko ayezokuthola kuwusizo. Wayenakho ukwesaba, kodwa futhi ekholelwa ukuthi uhambo lwakhe luzoba yimpumelelo.

4

Nempela lwaqala uhambo lwakhe. Wahamba usuku lonke. Wayekhuphuka ehla imimango. Wayewela umfula omkhulu, ecaca eqa amadwala ayingozi. Wahamba njalo edlula amathafa waze wayofika ngaphansi kwezintaba ezibomvu.

5

Kwathi kuhlwa, uNkanyezi wayefika kwesinye sezigodi esakhelene nesaseNdlovini. Imizi yakhona ihlotshiswe ngemibala angakaze ayibone ngaphambilini. Wachazela abadala bendawo ngohambo lwakhe. Omunye wabesifazane walesi sigodi wanika uNkanyezi isipho, wathi kuye, "Sikunika lo pende ngothando ukuze ubuyise ukukhanya nokubukeka emphakathini wakini." UNkanyezi wathatha lesi sipho, wabonga, wasifaka esikhwameni sakhe. Ekuseni ngakusasa, waqhubeka nohambo lwakhe, enokujabula.

6

Kwasa okungaliyo, waqhubeka nohambo lwakhe, ehamba ethubeleza phakathi kwamahlathi. Kwaqala ukuhlwa futhi, akabe esabona kahle ngenxa yobumnyama. Yize wayengasaboni kahle, izindlebe zakhe zona zayizwa yonke imisindo. Wezwa umsindo wokukhala kwezigubhu. "Kwamnandi loku engikuzwayo, mangiphakamise izinyawo." Ngempela wahambela phezulu, eya ngalapho kukhala ngakhona izigubhu. Ubumnandi balo msindo babuletha umfutho ezinyaweni zakhe ezikhathele.

7

Wahamba wazibona esefikile esigodini saseBhubesini, lapho isizwe sakhona sasihleli sizungeze umlilo, sishaya izigubhu, sicula. Wayengakaze ezwe umculo omnandi ngaleya ndlela. Nakhona wafike walwethula udaba lwakhe kubantu abadala bendawo. Wabatshela ngenhloso yohambo lwakhe efuna ukubuyisa ugqozi lokugubha imikhosi yendalo emphakathini wakubo.

8

Ekuseni, induna yaseBhubesini yambiza uNkanyezi. Yabe seyithi kuye, "Mtanami, nasi isigubhu sekhethelo esikupha sona. Lesi sigubhu sikunika iculo elisha lapho usishaya." UNkanyezi wabonga wanconcoza. Wasithatha wasifaka esikhwameni sakhe. Waqhubeka nohambo lwakhe ejabulele lesi sipho esikhipha umculo abantu badanse.

9

Ngosuku lwesithathu lohambo lwakhe, iphunga elimnandi lenyama lwaconsisa amathe. Lamdonsa leli phunga laye lamfikisa la liphuma ngakhona. "Kuyabuswa lapha, abantu bemi eduze kogalaza bamabhodwe, inyama iyaphuphuma, iphunga lithi lunga mphimbo, uzogwinya." Wayeqala ngqa uNkanyezi ukuzwa ukudla okumnandi ngale ndlela. Emva kokuba ephiwe naye ukudla wazenelisa, wabe esebatshela abadala ngenhloso yohambo lwakhe. Wayefuna izindlela angabuyisa ngazo ugqozi lokugubha imikhosi kubantu bakubo.

10

Ngakusasa abapheki bendawo bamnika inhlanganisela yabo yezithako eziyimfihlo. Bamnika bethi kuye, "Uyabona ndodakazi, ngalezi zithako, bayodla basuthe, beneliseke kwelakini. Ngalesi sipho, uyopheka ukudla okumnandi." UNkanyezi wabonga wanconcoza, wathatha isipho sakhe, wasifaka esikhwameni sakhe. Manje kwase kumcacela ukuthi usenako konke ayekudinga. Wayesethole amandla nomfutho ukuphindela ekhaya, esizweni saseNdlovini.

11

Wathi efika ekhaya, izakhamuzi zaqoqana, zamzungeza zifuna ukuzwa ngohambo lwakhe. Wabe esevula isikhwama sakhe, wabakhombisa izipho ayephiwe zona ngezinye izizwe. Umphakathi waseNdlovini wazijabulela zonke lezi zipho. Izipho ayephiwe zona ngezinye izizwe kanye nesibindi sakhe uNkanyezi, kwaletha inguquko esizweni saseNdlovini. Isizwe sabona ngamanye amehlo, sabuyelwa umdlandla, sacula sajabula. Ngaleyo ndlela ugqozi lokubungaza imikhosi lwabuya esigodini saseNdlovini.

12
You are free to download, copy, translate or adapt this story and use the illustrations as long as you attribute in the following way:
Silangazelela ugqozi lokubungaza intwasahlobo
Author - Mosa Mahlaba
Translation - Zanele Zuma
Illustration - Selina Masego Morulane
Language - isiZulu
Level - Read aloud