UQhude noNgulule
Yikii Kubbi Emmanuel
Mango Tree

Emandulo zonke izilwane zazihlala ndawonye ehlathini. Iqhude kwakuyinkosi yazo.

1

Iqhude latshela izilwane ukuthi ugedla olusekhanda lalo lwalwenziwe ngomlilo. Ngaleso sizathu zonke izilwane zazilesaba.

2

Ngalezo zinsuku, umlilo wawuphenjwa ngozwathi. Ngelinye ilanga izulu lina, kwanetha uzwathi lwengulule. Yehluleka ukuphemba umlilo wokufudumeza umndeni wayo.

3

Kanjalo-ke ungulule wathuma amawundlu akhe ukuba ayomcelela umlilo ogedleni lweqhude.

4

UQhude wayengeneme, ngakho akawanikanga umlilo amawundlu. UNgulule waphatheka kabi ukuthi amawundlu abuye engawuphethe umlilo.

5

Phakathi nobusuku uQhude eselele, uNgulule namawundlu akhe baya kontshontsha umlilo ogedleni lukaQhude. UNgulule wacosha utshani obomile ngaphandle kwendlu kaQhude.

6

Utshani obomile wabubeka eduze kogedla lukaQhude. Kodwa utshani abuzange bushe. Waluthinta ngokucophelela ugedla, kodwa waluzwa lubanda!

7

Amawundlu nawo aluthinta ugedla. Kwakungekho mlilo! Umndeni wengulule waqala ukuhleka.

8

Uhleko lomndeni wengulule lwaphaphamisa uQhude namatshwele. UQhude wabhekisa ugedla lwakhe emndenini wengulule ememeza, "Kufanele ngabe niyabaleka. Anesabi yini?"

9

Ingulule yaphendula, "Siluthintile ugedla lwakho futhi sesiyalazi iqhinga lakho! Sizobuyela emuva siyotshela zonke izilwane. Zizokuthukuthelela."

10

Izinkukhu zafikelwa ukwesaba. Zabaleka noQhude wabaleka nazo. Izinkukhu zathutha ehlathini zayohlala nabantu.

11

Kusukela ngaleso sikhathi izinkukhu zazesaba izingulule futhi zahlala nabantu ukuze zivikeleke.

12
You are free to download, copy, translate or adapt this story and use the illustrations as long as you attribute in the following way:
UQhude noNgulule
Author - Yikii Kubbi Emmanuel
Translation - Margaret Nokuthula Zondi
Illustration - Mango Tree
Language - isiZulu
Level - First paragraphs