UKhalai lona. Uneminyaka eyisikhombisa. Igama lakhe lichaza 'olungile' ngolimi lwakubo, isi Lubukusu.
UKhalai uvuka ekuseni akhulume nesihlahla samawolintshi. "Ngiyacela sihlahla samawolintshi, khula ubemkhulu usiphe amawolintshi amaningi avuthiwe."
UKhalai uya esikoleni. Endleleni ukhuluma notshani. "Ngiyakucela tshani, yiba luhlaza kakhulu ungomi."
UKhalai wedlula izimbali zasendle, "Ngiyanicela zimbali, hlalani niqhakaza ukuze nginihlome ezinweleni zami."
Esikoleni, uKhalai ukhuluma nesihlahla esimila phakathi nezakhiwo, "Ngiyakucela sihlahla, khipha amahlamvu amade ukuze sifunde siphansi komthunzi wakho."
UKhalai ukhuluma nothango oluzungeze isikole, "Ngicela ukhule uqine ukuze uvimbe abantu ababi bangangeni."
Lapho uKhalai ebuya esikoleni uvakashela isihlahla samawolintshi. "Asevuthiwe kodwa amawolintshi akho?" kubuza uKhalai.
"Amawolintshi aseluhlaza," uKhalai edonsa umoya." Ngiyokubona kusasa sihlahla samawolintshi," kusho uKhalai. "Mhlawumbe uzobe usunalo iwolintshi lami elivuthiwe!"