UZama intombazanyana ekhuluma kakhulu
Gaspah Juma
Jesse Breytenbach

Emandulo kwakukhona intombazanyana, igama layo kunguZama. UZama wayeyintombanyana ekhuluma kakhulu. Umama wakhe wayemxwayisile ngaloku kukhuluma kakhulu kwakhe. Kodwa uZama akazange amlalele umama wakhe.

1

Ngelinye ilanga uZama wagulelwa ngubabekazi wakhe owayehlala kwesinye isigodi esiseduze nabo.

2

Umama kaZama wayematasatasa kakhulu ngalelo langa. Kwabe sekuyintambama lapho umama wakhe ethuma uZama ukuthi ahambisele ubabekazi wakhe ogulayo ukudla.

3

Endleleni uZama wahlangana no Sgidi impisi. Eyayizishintshe yaba umuntu.

4

Impisi yambuza ukuthi uphetheni. UZama waphendula wathi, "Inyama, amaqanda nobisi." Yize umama wakhe wayemxwayisile ukuthi angatsheli muntu ukuthi uphetheni.

5

UZama watshela impisi ukuthi uhambisela ubabekazi wakhe ogulayo ukudla. Impisi yaqala ukucabanga ngenyama eyayiphethwe uZama.

6

Yagijima ngejubane elikhulu imshiya ngemuva iya kubabekazi wakhe.

7

Impisi yafika yamgwinya ubabekazi wakhe yabe isizemboza ngengubo yakhe yokulala.

8

Ngesikhathi uZama efika kwakuthule cwaka endlini. Wangena ngaphakathi ememeza ethi, "Babekazi ukuphi?"

9

Uma engalizwa izwi lika babekazi wakhe wangena egumbini lakhe lokulala. Wamangala uma ebona umuntu ozemboze ngenkulu ingubo le.

10

"Babekazi kungani unezindlebe ezinkulu kangaka?" kubuza uZama. USgidi impisi waphendula ngaphansi kwengubo wathi, "Khona ngizokuzwa kahle."

11

UZama wabuza futhi kubabekazi wakhe wathi, "Kungani amehlo akho emakhulu kangaka?" USgidi waphendula wathi, "Khona ngizokubona kahle."

12

Ekugcineni uZama wabuza wathi, "Kungani unomlomo omkhulu kangaka namhlanje?" USgidi waphendula wathi, "Khona ngizodla kahle." USgidi impisi wagxuma embhedeni wamgwinya uZama.

13

Ngenxa yokuthi uZama wayekhuluma kakhulu, wakhuluma noma esesiswini sempisi uSgidi. Wayebuza imibuzo eminingi.

14

Ekugcineni uSgidi wayesekhathele imibuzo eminingi kaZama wanquma ukumhlanzela ngaphandle.

15

UZama nobabekazi wakhe basindiswa abantu bendawo. Kusukela ngalelo langa uZama akaphindanga wakhuluma kakhulu nabantu angabazi.

16
You are free to download, copy, translate or adapt this story and use the illustrations as long as you attribute in the following way:
UZama intombazanyana ekhuluma kakhulu
Author - Gaspah Juma
Adaptation - African Storybook, Zimbili Dlamini
Illustration - Jesse Breytenbach
Language - isiZulu
Level - First paragraphs