Uthisha uZanele
Lawrence A. Konjuro
Vusi Malindi

Uthisha wami lo. Igama lakhe uthisha uZanele. Ungithanda kakhulu.

1

Uthisha uZanele usifundisa uhlu losonhlamvu nonkamisa. Ngiyakwazi ukuphimisa izinhlamvu a, e, i, o, u.

2

Uthisha uZanele sewasifundisa imibala: bomvu, luhlaza okwesibhakabhaka, luhlaza, phuzi, nomnyama.

3

Ngesikhathi sokucambalala uthisha uZanele uyasilolozela. Usiculela umlolozelo.

4

Umlolozelo uhamba kanje: Nika amehlo akho ubuthongo obumnandi, Ulindwe ukumamatheka lapho uvuka, Lalani zithandwa zami, ningakhali, Futhi ngizoniculela umlolozelo omtoti.

5

Uthisha uZanele wazi izindaba eziningi. Usixoxela indaba ehlukile usuku nosuku lwesonto.

6

NgoMsombuluko usixoxela izindaba ezimayelana namadoda aqavile.

7

NgoLwesibili usixoxela izindaba ezimayelana nabesifazane abaqavile.

8

NgoLwesithathu usixoxela izindaba ezimayelana nezinto zokuhamba.

9

NgoLwesine usixoxela izindaba ezimayelana nezokulima.

10

NgoLwesihlanu uthisha uZanele usitshela ukuthi sixoxele iklasi lonke ezethu izindaba.

11

Uthisha wethu ungcono kunabo bonke othisha umhlaba wonke! Ngifuna ukufana nothisha uZanele uma sengikhulile.

12
You are free to download, copy, translate or adapt this story and use the illustrations as long as you attribute in the following way:
Uthisha uZanele
Author - Lawrence A. Konjuro
Translation - Margaret Nokuthula Zondi
Illustration - Vusi Malindi
Language - isiZulu
Level - First sentences