Incwadi Kamama
Ursula Nafula
Catherine Groenewald

Umama ebeqeda ukupakisha izingubo zakhe esikhwameni esincane.

1

Njengob ayewaphuma ngomnyango, yena enganga futhi wathi, "Sala kahle kwamanje."

2

"Uyaphi uMama?" ngambheka ngalesosikhathi ngimbuza.

3

Ngaqala ukukhala ngilangazele ukumlandela kodwa ubaba wangiphakamisela phezukwehlombe lakhe.

4

Ubaba wathi, "Umama uya esibhedlela ukuyothola umntwana."

5

Laphongizwa "umntwana" Ngayeka ukukhala ngambuka. "Kungani yena ayothola ingane esibhedlela?" ngimbuza.

6

Ubaba wangihlalisa esihlalweni esincane wathi, "ngizokutshela ukuthi kungani eyothola umntwana esibhedlela."

7

Ngamlalela engichazela nangaloko ngingazisiswanga ukuthi kungani engatholi lomntwana ekhaya. Uma eceda ukungichazela, Ngambuza, "Uzongithanda na uma nomntwana omunye."

8

Ubaba wangizisa duzane, wathi, "Sizohlala sikuthanda."

9

"Ngingambalela incwadi uma ele?" Ngabuza Ubaba.

10

Ngalobobusuku, ngaqala ukubhalela umama incwadi.

11

Ngaklebhule iphepha encwadini yami yomsebenzi ngaqala ukubhala.

12

"Mama, umama, ubaba uthi uye ukuyothola umntwana omuny."

13

Sicela usheshe ubuye ekhaya.

14

Ngifuna ukuthi ulethe intombazanyana, ngizokhona ukudlala nayo uma iseKhulile.

15

Ungakwazi uzakungenisa ezimbili ukuze umuntu abe ngawami.

16

Ngikulindile lapha ngaphandle kwendlu yethu.

17

Ngigoqe incwadi yami ukuze ngikwazi ukuyinika ubaba ukuthi ukuletha yona Mama. Uma ngivuka ekuseni obulandelayo, incwadi wayesehambile.

18
You are free to download, copy, translate or adapt this story and use the illustrations as long as you attribute in the following way:
Incwadi Kamama
Author - Ursula Nafula
Translation - Khadija Mohamed, Willie
Illustration - Catherine Groenewald
Language - isiZulu
Level - First paragraphs