UFudu uthola indlu yakhe
Maya Fowler
Katrin Coetzer

Ngelinye ilanga uFudu abe ehamba otshanini. Abehamba ecinga ecinga. Ecingela ekudeni otshanini. Wadlula uMnenke.

1

"Ingabe kukhona okucingayo?" kubuza uMnenke. "Yebo, Mnenke, ngicingana nendlu yami. Ingabe uyibonile yini?"

2

UMnenke wathi: "Cha, angikaze ngiyibone, kodwa ngizokusiza ukuyicinga!" wagibela ngaphezulu kuFudu. UFudu wahamba uMnenke ehleli ngemuva kwakhe. Bacinga bacinga, kodwa uphawu lwendlu belungekho. Ilanga beliphezulu esibhakabhakeni.

3

Muva nje, badlula uNyoni omduna. 'Ingabe kukhona okucingayo?" kubuza uNyoni omduna. "Yebo, Nyoni omduna, ngicingana nendlu yami. Ngabe uyibonile yini?" uNyoni omduna wathi: "Cha, angikaze giyibone, kodwa ngizokusiza ukuyicinga!

4

UFudu ucingana nendlu yakhe.

5

Walungisa izimpiko zakhe waphapha wahamba. "Kodwa uhamba kakhulu kunami," kukhononda ufudu. UNyoni omduna wabuya. "kulungile, ngizozuba ngihlale kuwe."

6

UFudu waqhubeka wahamba, eno Mnenke kanye Nyoni omduna beminyene emhlane waka Fudu. Bacinga bacinga kodwa uphawu lwendlu belungekho. Ilanga beselehlile esibhakabhakeni.

7

Muva nje badlula uNyoni omsikazi. "Ingabe kukhona okucingayo?' kubuza uNyoni omsikazi. "Yebo Nyoni omsikazi, ngicingana nendlu yami. Ingabe uyibonile yini?

8

UNyoni omsikazi wathi: "Cha, angikaze ngiyibone, kodwa ngizokusiza ukuyicinga!" Wazuba ngemuva kuka Fudu, waqhubeka uFudu enoMnenke, uNyoni omduna kanye noNyoni omsikazi Bacinga bacinga kodwa uphawu lwendlu belungekho. Umoya waqala ukuhhusha.

9

Muva badlula uGundwane. Bekenza umqhele wezimbali. "Ingabe kukhona okucingayo?" kubuza uGundwane. "Yebo, Gundwane, Ngicingana nendlu yami. Ingabe uyibonile yini?"

10

UGundwane wathi: "Cha, angikaze ngiyibone, kodwa ngizokusiza ukuyifuna!" Wazuba ngemuva kuka Fudu. "Yima, angeke ngikwazi ukushiya izimbali zami ngemuva." uFudu wema. UGundwane wazinweba wazinweba wathatha izimbali zakhe.

11

UFudu waqhubeka wahamba eno Mnenke, uNyoni omduna, uNyoni omsikazi kanye no Gundwane ngemuva kwakhe. Bacinga bacinga kodwa uphawu lwendlu belungekho. Umoya washanela amacembe phansi, wabahlanganisa nezinyawo zakaFudu. UFudu wakhathala. "Nonke niyasinda," wakhokha umoya.

12

UMoya waba namandla. Isibhakabhaka satshintsha saba mnyama. "Hhhooo, iphi indlu yami?" kubuza uFudu. Ukuduma kwezulu kuzwakala ezintabeni. Umbani ushayela ekudeni. Yeza imvula. "Hhooo, iphi indlu ka Fudu?" kubuza umnenke, uNyoni omduna, uNyoni omsikazi kanye noGundwane.

13

UMoya wahhusha wakhukhula. Waphephula umnenke, uNyoni omduna, uNyoni omsikazi kanye no Gundwane, ebasusa emhlane waka Fudu.

14

Bese yeza imvula. UFudu waba nokuthuka, wazishobeza egogogweni lakhe. Lapho bekufudumala futhi kubuthebelele."Hhooo, nayi indlu yami!"

15

"Hhooo, nayi indluka-Fudu!"

16
You are free to download, copy, translate or adapt this story and use the illustrations as long as you attribute in the following way:
UFudu uthola indlu yakhe
Author - Maya Fowler
Translation - Maya Fowler
Illustration - Katrin Coetzer
Language - isiZulu
Level - First paragraphs