U Anansi No Fudu
Ghanaian folktale
Wiehan de Jager

Ngolunye usuku, u Anansi isicabucabu wavuna amadumbe engadini yakhe. Abemahle, emakhulu futhi, wase ewathosa emlilweni. Ngemva kokuwathosa, wahlala phansi elungela ukuwadla.

1

Ngemva nje kokuluma kanye, u Anansi wezwa kukhona ongqongqozayo emnyango. "Kungaba ubani lowo?" kucabanga u Anansi. Wavula umnyango. BekunguFudu, ebukeka ekhathele kakhulu. Wathi, "Anansi, ngicela ungingenise. Ngihambe ibanga elide, ngakho ngikhathele futhi ngifile indlala. Ubengabuye enzenjani u Anansi kunokuvulela u Fudu?"

2

U Anansi ubenomhobholo, engafunu ukupha noma ubani omunye ukudla kwakhe, ngakho weza necebo elibi. Uma u Fudu ehlala phansi etafuleni ethi udla idumbe, u Anansi wamnqanda. Wathi "Fudu, izandla zakho zingcolile! Awukwazi ukudla ngezandla ezingcolile. Hamba uyozigeza. Izandla zika Fudu bezingcole ngempela, ngakho wahamba waya emfuleni eyozigeza."

3

Ngesikhathi u Fudu esaye emfuleni, uAnansi wasala ephanga wonke amadumbe, wawadla wawaqeda. UFudu wabuya asephele wonke. UFudu wabuka u Anansi. "Ngiyabonga ukungimema esidlweni sakusihlwa. Zizwe ukhululekile ukungena endlini yami noma nini lapho useduze, ukuze ngizokwenza okufanayo kuwena. UFudu wase ephindela endlini yakhe."

4

Sahamba isikhathi. U Anansi wacabanga ngesethembiso esasenziwe u Fudu sokumenzela ukudla kwakusihlwa. Ngakho waya kwa Fudu ngolunye usuku. U Anansi wafika endlini ka Fudu ngaphambi nje kwesidlo sakusihlwa, ilanga selishona ngasemfuleni. U Fudu wayelele ngomhlane ethamele ilanga ukuze afudumale, njengoba kwenza zonke izimfudu.

5

Lapho uFudu ebona u Anansi, wathi "Sawubona Anansi. Uzodla nami isidlo sakusihlwa?" waphendula ngokushesha uAnansi wathi "Yebo. Ngingakujabulela kakhulu lokho." Ubesezizwa elambe ngempela.

6

Wangena ekujuleni komfula uFudu ukuze adeke itafula alungise konke. U Anansi ubelokhu elindile ngaphandle kwamanzi. Washeshe wabuya u Fudu wathi "Oh Anansi, sekulungile konke manje. Ngicela uze sizodla isidlo sakusihlwa manje. Wabuyela emanzini uFudu, waqala ukudla amahlamvu aluhlaza ayewadekile."

7

U Anansi wazama ukungena ekujuleni kwamanzi ukuze adle isidlo sakusihlwa no Fudu, kodwa izicabucabu azikwazi ukubhukuda zingene ekujuleni kwamanzi. Wayelokhu ezama, kodwa ehluleka nje ukufinyelela lokuya kudla.

8

Ekugcineni, u Anansi weza necebo ebelizomusiza angene ekujuleni kwamanzi. Wathatha amatshe, wawafaka ejazini lakhe ukuze amnike isisindo ebese engena ekugcineni kwamanzi. Akeve ehlakaniphile! Walibona itafula, ligcwele ukudla okuconsisa amathe okwehla esiphundu.

9

Welula isandla u Anansi, ethi uthatha ukudla. Wamnqanda ngokushesha u Fudu, wathi "Anansi, ngeke udle ufake ijazi. Akusiyo indlela esenza izinto ngayo leyo lapha. Waphendula u Anansi wathi "Uqinisile Fudu, bengicabangani nje? Walikhumula ijazi lakhe.

10

Ngaphandle kwejazi lakhe, u Anansi wayengasakwazi ukuhlala ekujuleni kwamanzi, wabuyela phezulu. Wadumala kakhulu u Anansi esebukele u Fudu edla konke ukudla.

11
You are free to download, copy, translate or adapt this story and use the illustrations as long as you attribute in the following way:
U Anansi No Fudu
Author - Ghanaian folktale
Translation - Kerry Heath
Illustration - Wiehan de Jager
Language - isiZulu
Level - Longer paragraphs