Ngolunye usuku, u Anansi isicabucabu wavuna amadumbe engadini yakhe. Abemahle, emakhulu futhi, wase ewathosa emlilweni. Ngemva kokuwathosa, wahlala phansi elungela ukuwadla.
Ngemva nje kokuluma kanye, u Anansi wezwa kukhona ongqongqozayo emnyango. "Kungaba ubani lowo?" kucabanga u Anansi. Wavula umnyango. BekunguFudu, ebukeka ekhathele kakhulu. Wathi, "Anansi, ngicela ungingenise. Ngihambe ibanga elide, ngakho ngikhathele futhi ngifile indlala. Ubengabuye enzenjani u Anansi kunokuvulela u Fudu?"
U Anansi ubenomhobholo, engafunu ukupha noma ubani omunye ukudla kwakhe, ngakho weza necebo elibi. Uma u Fudu ehlala phansi etafuleni ethi udla idumbe, u Anansi wamnqanda. Wathi "Fudu, izandla zakho zingcolile! Awukwazi ukudla ngezandla ezingcolile. Hamba uyozigeza. Izandla zika Fudu bezingcole ngempela, ngakho wahamba waya emfuleni eyozigeza."
Ngesikhathi u Fudu esaye emfuleni, uAnansi wasala ephanga wonke amadumbe, wawadla wawaqeda. UFudu wabuya asephele wonke. UFudu wabuka u Anansi. "Ngiyabonga ukungimema esidlweni sakusihlwa. Zizwe ukhululekile ukungena endlini yami noma nini lapho useduze, ukuze ngizokwenza okufanayo kuwena. UFudu wase ephindela endlini yakhe."
Sahamba isikhathi. U Anansi wacabanga ngesethembiso esasenziwe u Fudu sokumenzela ukudla kwakusihlwa. Ngakho waya kwa Fudu ngolunye usuku. U Anansi wafika endlini ka Fudu ngaphambi nje kwesidlo sakusihlwa, ilanga selishona ngasemfuleni. U Fudu wayelele ngomhlane ethamele ilanga ukuze afudumale, njengoba kwenza zonke izimfudu.
Lapho uFudu ebona u Anansi, wathi "Sawubona Anansi. Uzodla nami isidlo sakusihlwa?" waphendula ngokushesha uAnansi wathi "Yebo. Ngingakujabulela kakhulu lokho." Ubesezizwa elambe ngempela.
Wangena ekujuleni komfula uFudu ukuze adeke itafula alungise konke. U Anansi ubelokhu elindile ngaphandle kwamanzi. Washeshe wabuya u Fudu wathi "Oh Anansi, sekulungile konke manje. Ngicela uze sizodla isidlo sakusihlwa manje. Wabuyela emanzini uFudu, waqala ukudla amahlamvu aluhlaza ayewadekile."
U Anansi wazama ukungena ekujuleni kwamanzi ukuze adle isidlo sakusihlwa no Fudu, kodwa izicabucabu azikwazi ukubhukuda zingene ekujuleni kwamanzi. Wayelokhu ezama, kodwa ehluleka nje ukufinyelela lokuya kudla.
Ekugcineni, u Anansi weza necebo ebelizomusiza angene ekujuleni kwamanzi. Wathatha amatshe, wawafaka ejazini lakhe ukuze amnike isisindo ebese engena ekugcineni kwamanzi. Akeve ehlakaniphile! Walibona itafula, ligcwele ukudla okuconsisa amathe okwehla esiphundu.
Welula isandla u Anansi, ethi uthatha ukudla. Wamnqanda ngokushesha u Fudu, wathi "Anansi, ngeke udle ufake ijazi. Akusiyo indlela esenza izinto ngayo leyo lapha. Waphendula u Anansi wathi "Uqinisile Fudu, bengicabangani nje? Walikhumula ijazi lakhe.
Ngaphandle kwejazi lakhe, u Anansi wayengasakwazi ukuhlala ekujuleni kwamanzi, wabuyela phezulu. Wadumala kakhulu u Anansi esebukele u Fudu edla konke ukudla.