Kungani uMvubu engenaboya?
Basilio Gimo
Carol Liddiment

Ngelinye ilanga unogwaja wayezihambela ngasemfuleni.

1

UMvubu naye wayekhona lapho, ezihambela futhi ezidlela utshani obumnandi.

2

UMvubu akazange abone ukuthi nonogwaja ukhona, wamnyathela unyawo ngephutha.

Unogwaja wamemeza ethethisa uMvubu, "Wena Mvubu, awuboni yini ukuthi uyanginyathela?"

3

UMvubu waxolisa kuye wathi, "Ngiyaxolisa mngani wami, angikubonanga."

Kodwa unogwaja akafunanga ukuzwa lutho, wathethisa uMvubu wathi, "Wenze ngabomu, ngelinye ilanga, uzobona! Uzokhokha!"

4

Unogwaja wahamba wayofuna uMlilo, wathi kuye, "Hamba, uma uMvubu ephuma emanzini eyodla utshani, ufike umshise. Unginyathelile!"

UMlilo waphendula, "Akunankinga mngani wami, ngizokwenza lokhu ongicela khona."

5

Langalimbe, uMvubu eyodla utshani kude nasemfuleni "whoosh!" uMlilo waphenduka amalangabi.

Lawo malangabi aqala ashisa uboya buka Mvubu.

6

UMvubu waqhala egijimela emanzini. Uboya bakhe bonke babushile emlilweni.

Wayelokhu ekhala ethi, "Uboya bami bushile emlilweni! Ushise bonke uboya bami! Uboya bami obuhle kakhulu!"

7

Yingakho uMvubu engadlaleli kude namanzi ngoba esaba ukuthi uzoshiswa wumlilo.

Unogwaja wathokoza kakhulu ngenkathi uMvubu esha ethi, "Ngaze ngamthola!"

8
You are free to download, copy, translate or adapt this story and use the illustrations as long as you attribute in the following way:
Kungani uMvubu engenaboya?
Author - Basilio Gimo, David Ker
Translation - African Storybook
Illustration - Carol Liddiment, Little Zebra Books
Language - isiZulu
Level - First paragraphs