Ngelinye ilanga unogwaja wayezihambela ngasemfuleni.
UMvubu naye wayekhona lapho, ezihambela futhi ezidlela utshani obumnandi.
UMvubu akazange abone ukuthi nonogwaja ukhona, wamnyathela unyawo ngephutha.
Unogwaja wamemeza ethethisa uMvubu, "Wena Mvubu, awuboni yini ukuthi uyanginyathela?"
UMvubu waxolisa kuye wathi, "Ngiyaxolisa mngani wami, angikubonanga."
Kodwa unogwaja akafunanga ukuzwa lutho, wathethisa uMvubu wathi, "Wenze ngabomu, ngelinye ilanga, uzobona! Uzokhokha!"
Unogwaja wahamba wayofuna uMlilo, wathi kuye, "Hamba, uma uMvubu ephuma emanzini eyodla utshani, ufike umshise. Unginyathelile!"
UMlilo waphendula, "Akunankinga mngani wami, ngizokwenza lokhu ongicela khona."
Langalimbe, uMvubu eyodla utshani kude nasemfuleni "whoosh!" uMlilo waphenduka amalangabi.
Lawo malangabi aqala ashisa uboya buka Mvubu.
UMvubu waqhala egijimela emanzini. Uboya bakhe bonke babushile emlilweni.
Wayelokhu ekhala ethi, "Uboya bami bushile emlilweni! Ushise bonke uboya bami! Uboya bami obuhle kakhulu!"
Yingakho uMvubu engadlaleli kude namanzi ngoba esaba ukuthi uzoshiswa wumlilo.
Unogwaja wathokoza kakhulu ngenkathi uMvubu esha ethi, "Ngaze ngamthola!"