UNaka noNala bakhuluma ngomlilo
Glanice Masilo
Sibusiso Khumalo
“Sheshisa Naka, sizokwephuza ukufika esikoleni!” kumemeza uNala.
-
“Ngiyagodola! Masime sibase umlilo ukuze sifudumale,” kusho uNaka.
1
“Usukhohliwe yini ukuthi u-anti uthe asingadlali ngomlilo?” kubuza uNala.
-
“Ngimzwile kodwa asikho endlini phakathi!” kuphendula uNaka.
2
UNala uthi, “Sisemgwaqeni, kodwa nakhona kusenobungozi. Umlilo uyakwazi ukubhebhetheka ngokushesha, bese wenza umonakalo omkhulu.”
-
UNaka uyacabanga ngalokhu.
3
“Kodwa kudala, umlilo kwakuyiwona kuphela umthombo wokushisa nokukhanya kwawo wonke umuntu. Abantu babewusebenzisela ukupheka, ukuzifudumalisa, nokukhanyisa.” kusho uNaka.
4
UNala uyaphendula, “Umlilo ungumthombo owusizo kakhulu, kodwa kunzima ukuwulawula. Yingakho-nje u-anti ethi izingane mazingawubasi umlilo. Wonke umuntu kumele aqaphele.”
5
UNala uyaqhubeka, “Ugesi uphephile futhi uhlanzekile kunokubasa ngezinto ezifana nezinkuni noma amalahle.”
-
“Ukubasa ngalezo zinto kuwungcolisa kakhulu umoya,” kwengeza uNala.
6
UNaka uyabuza, “Ngabe uyazi ukuthi umlilo uqala kanjani?”
-
″Ngesinye isikhathi uma owokhela ngakho umlilo kuhlangana nomoya, kwakheka inhlansi. Yileyo nhlansi eqala umlilo,” kuchaza uNala.
7
“Uma kuhlangana umoya nokokokhela umlilo ngokushesha ezingeni lokushisa elifanele, liyaqala ukuvutha ilangabi. Okungaba yisibonelo nje,
-
Ukuhlanganisa izinduku ezimbili zihlikihlane noma ukokhela uthi lukamentshisi.”
8
“Umlilo udala intuthu,” kusho uNaka.
-
UNala uyavuma, “Yebo, yingakho kungafanele sibase umlilo ngaphakathi endlini. Ukuhogela intuthu kunobungozi ezimpilweni zethu.”
9
UNala noNaka basesikoleni.
-
“Khumbula, ungalokothi ushiye ikhandlela noma umlilo uvutha wodwa. Umlilo ungashisa izindlu noma abantu!″ kuxwayisa uNala.
10

Imibuzo


  1. Ubani ofuna ukubasa umlilo, kungani?
  2. Bala imisebenzi emithathu yomlilo.
  3. Bala izinkinga ezintathu ngomlilo.
  4. Kuyini ‘ukungcoliswa komoya’?
  5. Bala izindlela ezimbili ongahlala ngazo uphephile emlilweni.
  6. Thola igama ‘umlilo’ ngezinye izilimi ezintathu. Dweba isithombe ngala magama.
11
Your attribution should include the following:
Title: UNaka noNala bakhuluma ngomlilo
Author/s: Glanice Masilo
Translator/s: Zanele Ndlovu
Illustrator/s: Sibusiso Khumalo
Assurer/s: Sifiso Khoza
Language: isiZulu

© Zenex Foundation - Saide 2024

CC BY includes the following elements:
 BY   – Credit must be given to the creator