Please view the book
in landscape mode.
UThisha uMthetho uchaza ngesandulela ngculazi
Ntombifuthi Ncwayiba
Simon Mokoena
USihle uneminyaka eyisikhombisa.
-
Ufunda esikoleni samazinga aphansi.
-
Njalo, amama wakhe umenzela umphako wokudla kwasemini.
1
Ngelinye ilanga, izingane zazidla zonke ngaphansi kwesihlahla.
-
USihle wacabanga, “Namuhla ngizohlala nabo. Babukeka bejabulile njengoba bendawonye futhi bexoxa.”
2
Wathi uya kubona uSihle, izingane zavele zathula zangamkhulumisa. Wavele wahamba, ephoxekile.
-
UThisha uMthetho wakubona lokhu okwenzekile.
3
USihle wahamba waya ngemuva kwegumbi labo lokufundela, uThisha uMthetho wamlandela.
-
“Ezinye izingane azifuni ukuhlala nami ngenxa yalesi sifo enginaso,” uSihle watshela uThisha Mthetho.
4
Ngokuhamba kwesikhathi, uThisha waxoxa nezingane.
-
Wachaza, “Isandulela ngculazi yisifo esithelelana ngokuthintana negazi noma ezinye izinto eziwuketshezi ezitholakala emizimbeni yethu.”
5
UThisha uMthetho waqhubeka, “Isandulela ngculazi asithelelani ngokudlala ndawonye, ukudla ndawonye noma ukwangana.”
-
“Ningadlala, nidle ndawonye. Kanjalo futhi ninokwangana.”
6
Izingane zajabula ukufunda amaqiniso ngesandulela ngculazi.
-
Zagona uSihle, “Siyaxolisa ngendlela esikuphathe kabi ngayo.”
7
Kusukela ngalelo langa, uSihle wayekuthokozela ukuba sesikoleni.
-
Wayedlala ekhululekile nezinye izingane.
8
Your attribution should include the following:
Title
: UThisha uMthetho uchaza ngesandulela ngculazi
Author/s
: Ntombifuthi Ncwayiba
Translator/s
: Zanele Ndlovu
Illustrator/s
: Simon Mokoena
Assurer/s:
Zanele Zuma
Language:
isiZulu
© Zenex Foundation - Saide 2024
CC BY
includes the following elements:
BY
– Credit must be given to the creator