Please view the book
in landscape mode.
Imifino iwukudla okuhle kakhulu kithina
Busile Ndlovu
Tammi Mbambo
Isipinashi siyimifino enamacembe. Amacembe aso akhula aye ngaphezu komhlabathi.
-
Ungasidla siphekiwe noma siluhlaza.
-
Isipinashi siwukudla okuhle kuwo wonke umuntu.
-
Imifino iwukudla okuhle kakhulu ezimpilweni zethu.
1
Iklabishi nalo lingolunye uhlobo lwemifino ekhula iye ngaphezu komhlabathi.
-
Iklabishi lingadliwa liluhlaza kumasaladi noma liphekiwe.
-
Bonke abantu kumele badle iklabishi ukuze babe nemizimba ephilile.
2
Izaqathe yimifino yezimpande. Zikhula ngaphansi komhlabathi.
-
Izaqathe zivame ukuba nombala owolintshi.
-
Zinikeza ukudla kwethu umbala omuhle.
-
Izaqathe zenza amehlo ethu ahlale ephilile.
3
Eminye imifino eyimpande ubhithiluthi. Uvame ukuba nombala obomvu ngokujiyile.
-
Ubhithiluthi uvame ukudliwa uphekiwe kodwa ungawudla noma uluhlaza.
-
Ubhithiluthi ugcina izinhliziyo zethu ziphilile.
4
Amathanga akhula ngaphezu komhlabathi.
-
Sivame ukulipheka Ithanga. Linombala ophuzi, oluhlaza noma owolintshi kanti linezinhlamvu eziningi.
-
Ithanga lenza imizimba yethu ihlale iphilile.
5
Utamatisi uthela esihlahleni sawo. Uluhlaza ngombala uma usakhula, bese uba bomvu ngokugqamile uma usuvuthiwe. Umumo wawo uba yindilinga noma ube yiqanda.
-
Ungawudla uluhlaza noma uphekiwe. Usiza ngezinto eziningi ezimpilweni zethu. Ungaphinde usetshenziswe njengekhambi lokwelapha.
6
Amazambane anempande ekhula ngaphansi komhlabathi.
-
Ajwayele ukuba yindilinga abe nesikhumba esinombala onsundu kodwa abe mhlophe ngaphakathi.
-
Kumele uwapheke ngaphambi kokuwadla.
7
U-anyanisi yimifino ekhula ngaphansi komhlabathi. Mhlophe ngaphakathi.
-
U-anyanisi ungawupheka noma ungawudla uluhlaza (kodwa ungabi mningi).
-
Lolu hlobo lomfino lusiza ngokuvikela imizimba yethu ingangenwa yizifo.
8
Your attribution should include the following:
Title
: Imifino iwukudla okuhle kakhulu kithina
Author/s
: Busile Ndlovu
Translator/s
: Busile Cynthia Ndlovu
Illustrator/s
: Tammi Mbambo
Assurer/s:
Zanele Zuma
Language:
isiZulu
© Zenex Foundation - Saide 2024
CC BY
includes the following elements:
BY
– Credit must be given to the creator