Yinye vo into eshintshile!
African Storybook
Sibusiso Khumalo
UDumisani ubhala indaba yephephabhuku lesikole.
-
Uxoxa nezingane zasesikoleni sakhe mayelana nezimo ezibhekane nazo ngesikhathi sobhubhane lwekhovidi.
-
Ukhuluma nabafundi ngesikhathi sekhefu.
1
“Wacabangani ngesikhathi uzwa ngegciwane lekhovidi okokuqala?” kubuza uDumisani.
-
“Abantu abaningi bakholelwa ukubona, hhayi ukuzwa. Ekuqaleni abanye babethi alikho leli gciwane,” kusho uMoses.
2
UMoses uyaqhubeka, “Abanye abantu bebangafuni ukulandela imigomo. Ngabatshela ukuthi sonke kufanele silandele imithetho yobhubhane lwekhovidi ngoba uma singayilandeli, igciwane ngeke liphele.”
-
“Ekhaya nasemphakathini wangakithi besiyilandela imithetho!” kungenela uZwanga.
3
UZwanga liwele likaMoses. UMoses ubuka uZwanga.
-
“Uqinisekile?” kubuza uMoses.
-
“Angisho ukuthi wonke umuntu emphakathini, kodwa abanye babo!” kudaza inkani uZwanga.
-
Abafundi bahleka bonke. Kwakunjalo kubo bonke.
4
“Yayiminingi imithetho nemigomo!” kusho uZwanga ngokukhathazeka.
-
Uyaqhubeka, “Ungazithinti ubuso, ungazithinti ikhala, ungazithinti umlomo, ungagibeli ibhasi eligcwele. Geza izandla zakho, sebenzisa isibulala magciwane, faka isifonyo, asingasondelani…”
-
UZwanga uphelelwa ngumoya.
5
UMoses wathi, “Ewu, uthaqa wezwe lo wokuqala ubunzima kakhulu!”
-
UDumisani ubuza iqembu, “Nibhekane kanjani nothaqa wezwe?”
-
UMpho uyaphendula, “Bekungekuhle neze! Ebesikwenza ukuhlala ekhaya sibuke umabonakude. Ekuqaleni wawungakwazi ngisho ukuphumela phandle.”
6
“Bekunzima ukutadisha ekhaya ngoba kunomsindo,” kusho uBusani.
-
“Bengingedwa. Bengifuna umuntu ozongichazela umsebenzi ebesiwunikezwa,” kusho uBongi.
-
“Nami bengibhekene nobunzima kakhulu emsebenzini wami wesikole,” kusho uMpho.
7
“Manje, kusho ukuthi nijabulile uma izikole sezivulwa?” kubuza uDumisani.
-
“Ukucabanga kwami ngokuphindela ekilasini kwakungukuthi akuphephile kahle ukuya esikoleni,” kuphendula u-Andzani.
-
U-Abdul uyavuma, “Thina bafundi sinokungayilandeli imigomo noma sikhohlwe.”
8
“Bengingacabangi ukuthi izikole kumele zivulwe,” kusho uBusani.
-
UMpho uthi, “Ngangijabule kakhulu ukubuyela ekilasini nasesikoleni.”
-
“Nami futhi!” kusho uMoses, uZwanga uvuma ngekhanda.
-
“Yini ehlukile esikoleni manje?” kubuza uDumisani.
9
UMoses uyaqala, “Yinye vo into eshintshile esikoleni ngenxa yobhubhane lwekhovidi, lokho kuyi…”
-
“... konke kushintshile!” uZwanga uqedela umusho kabhuti wakhe.
-
Abangani babo bayahleka futhi bayavuma. Yakhala insimbi yesikole, bese kuyisikhathi sokuyofunda.
10

Imibuzo


  1. Wacabangani ngesikhathi uzwa okokuqala ngegciwane lekhovidi? Chaza.
  2. Chaza la magama ngendlela yakho: ubhubhane, faka isibulala magciwane, uthaqa wezwe.
  3. Thola amagama kule ndatshana aphikisana nalawa: phetha, khala, kuze, kuhle kakhulu.
11


Le ncwadi yezindaba ixoxa ngemibiko yomsakazo i-RX Radio. I-RX Radio ngumsakazo wezingane we-inthanethi futhi osakaza izindaba ezithinta zona.
-
Isakazela esiteshini esisesibhedlela saseKapa i-Red Cross War Memorial Children's Hospital.
-
I-RX Radio isiza izingane ukuba zikwazi ukuxoxa izindaba ngezinto ezibalulekile kuzona. Visit RX Radio
12
Your attribution should include the following:
Title: Yinye vo into eshintshile!
Author/s: African Storybook
Translator/s: Zanele Ndlovu
Illustrator/s: Sibusiso Khumalo
Assurer/s: Zanele Zuma
Language: isiZulu

© Zenex Foundation - Saide 2024

CC BY includes the following elements:
 BY   – Credit must be given to the creator