UNaka noNala bakhuluma ngamanzi
Eric Khorombi
Simon Mokoena
UNaka noNala benza umsebenzi wabo wesikole ekhaya. Bafunda ngamanzi.
-
“Amanzi awanambala futhi awanambitheki kodwa awumthombo wemvelo oyigugu!” kubabaza uNala.
1
UNaka uyavuma, “Yonke into ephilayo iyawadinga amanzi. Abantu bawasebenzisa ukuwaphuza, ukupheka, ukuhlanza, nokulima.”
-
“Nokwenza izinto emafethri,” kwenezela uNala.
2
“Ingxenye engaphezu kukahhafu yomzimba yakhiwe ngamanzi. Amanzi awagcini nje ngokuqeda ukoma kodwa imizimba yethu iyawadinga ukuze ikwazi ukusebenza,” kusho uNaka.
3
“Ingxenye enkulu yomhlaba imbozwe amanzi, imifula, amachibi, nezilwandle,″ kusho uNala.
-
UNaka uvuma ngekhanda, “Izingxenye ezimbili kwezintathu zeplanethi yethu zingamanzi.”
4
“Kodwa amanzi amaningi emhlabeni amanzi kasawoti. Amanzi amtoti adingwa ngabantu yiwona amancane,” kusho uNaka.
5
“Amanzi kasawoti anosawoti, kunzima futhi kuyabiza ukukhipha usawoti emanzini. Abantu abakwazi ukuphuza amanzi anosawoti, baphuza amanzi amtoti kuphela!” kubabaza uNaka.
6
“Yebo, yingakho kumele siyinakekele imithombo yamanzi amtoti. Akufanele singcolise imifula namachibi ngodoti,” kusho uNala.
7
“Asifunde ngomjikelezo wamanzi,” kusho uNaka.
-
“Yinqubo lapho amanzi ekhuphuka aye phezulu emoyeni esuka emhlabeni, bese ephinda abuyele phansi,” kuchaza uNala.
8
UNala eqhubeka, “Amaconsi amancane amanzi akhuphukela phezulu esibhakabhakeni akhe amafu. Amanzi akheka emafini ayawa awele phansi emhlabeni njengemvula, isichotho noma iqhwa.”
9
UNaka uyababaza, “Ngomile, ngidinga amanzi!”
-
UNala uyaphendula, ″Yebo, umqondo wakho udinga amanzi ukuze ukwazi ukucabanga nokufunda! Amanzi ayimpilo, waphathe kahle.”
10

Imibuzo


  1. Ngubani odinga amanzi amtoti? Kungani?
  2. Bala imisebenzi emihlanu eyenziwa ngamanzi amtoti?
  3. Singawanakekela kanjani amanzi amtoti emhlabeni?
  4. Emanzini asemhlabeni, ingabe amanzi amaningi yilawo amtoti noma anosawoti? Chaza.
  5. Dweba umjikelezo wamanzi. Sebenzisa amagama akule ndatshana ukuchaza ukuthi kwenzekani.
11
Your attribution should include the following:
Title: UNaka noNala bakhuluma ngamanzi
Author/s: Eric Khorombi
Translator/s: Zanele Ndlovu
Illustrator/s: Simon Mokoena
Assurer/s: Sifiso Khoza
Language: isiZulu

© Zenex Foundation - Saide 2024

CC BY includes the following elements:
 BY   – Credit must be given to the creator