Ukwethula umbiko ngesikhathi sikathaqa wezwe
African Storybook
Khanyisa Masemola
Lezi yizindlu zokusakaza zomsakazo i-RX Radio esesibhedlela i-Red Cross Children's Hospital eKapa.
-
I-RX Radio ngumsakazo osakazwa yizingane futhi zixoxa izindaba zazo. Bavame ukusakazela ezindlini zokusakaza esibhedlela.
-
Kodwa ngesikhathi sikathaqa, izindlu zokusakaza zazivaliwe.
1
Lona ngu-Akhona. Uyintatheli ye-RX Radio. Ngesikhathi sikathaqa, u-Akhona ubengakwazi ukuqopha uhlelo lwakhe ezindlini zokusakaza i-RX.
-
-
Ohlelweni lwakhe lomsakazo, u-Akhona uxoxisana nabantu mayelana nezimo abahlangabezana nazo.
-
Ubefuna ukubika mayelana nezimo abantu ababhekane nazo ngesikhathi sikathaqa emphakathini wangakubo.
2
Kodwa ngenxa yalo thaqa, u-Akhona akakwazanga ukuxoxisana nabantu ubuso nobuso.
-
Wabe esecela labo abasemphakathini wangakubo abanomakhalekhukhwini ukuba bamthumele imilayezo eqoshiwe.
-
Wabe eseqopha uhlelo lwakhe ekhaya esebenzisa umakhalekhukhwini wakhe.
-
Lena eminye imilayezo ayitholile.
3
Umlayezo kaThisha uThuli:
-
“Ngikhumbula abafundi bami kakhulu! Ngineqembu le WhatsApp nabazali, lapho ngithumela khona umsebenzi wabafundi.
-
Kodwa ngifundisa endaweni enabantu abahluphekayo nalapho kungebona bonke abazali abakwazi ukuthola i-inthanethi. Kuyinkinga lokho.”
4
Umlayezo kaRiaz:
-
“Ngikhathazeke ngempilo yami. Kuvame ukuthi abantu abakhubazekile babe nemizimba namasosha omzimba okuntekenteke.
-
Njengoba ngihamba ngesihlalo samasondo, angikwazi ukugeza izandla njalo, kepha umndeni wami uyangisiza.
-
Benza isiqiniseko sokuthi ngihlale ngenesibulala magciwane sokuhlanza izandla.”
5
Umlayezo kaKhethiwe:
-
“Ekhaya singumndeni omkhulu, phakathi kwethu kukhona abasebenzi ababalulekile, kodwa abahlali nathi kumanje.
-
Esihlale sikwenza ukubathandazela ukuthi bahlale bephephile, kanjalo nokuphepha kwethu.”
6
Umlayezo kagogo uGabbie:
-
“Angiyena uthisha, kodwa kufanele ngifundise izingane ezimbili lapha ekhaya. Zombili lezi zingane zifuna ukunakwa ngokulingana.
-
Isimo lapha ekhaya singinikeza ingcindezi enkulu. Ngenhlanhla, sine WiFi engenamkhawulo.”
7
Umlayezo kaBuhle:
-
“Uthaqa akangithintanga kakhulu ngoba ngihlale ngisekhaya. Ngiphuma kuphela uma ngiya esontweni nasesikoleni.
-
Uthaqa ungithinte kuphela ngokuthi umoya opholile engiwutholayo ngiwuthola lapha egcekeni kuphela.”
8
Umlayezo kaLwazi:
-
“Inkinga enkulu enginayo eyesikole. Besengijwayele ukufundiswa uthisha siqu sakhe eme phambi kwami.
-
Kunzinyana ukumlalela kumakhalekhukhwini noma ukubuka ividiyo yakhe.”
9
U-Akhona wase ukhetha eminye yemilayezo ukuyisebenzisa ohlelweni lwakhe. Wase uqopha uhlelo lwakhe.
-
“Sanibonani, lona ngu-Akhona, lo mbiko ngiwethula ngisegumbini lami lokulala.
-
Ukuqoshwa komsindo akuzukuzwakala kahle.
-
Namhlanje sizozwa ukuthi abazali, othisha, nezingane babhekana kanjani nezinselelo zikathaqa wezwe…”
10

Imibuzo


  1. Bhala incazelo yala magama: abahluphekayo, amasosha omzimba, enganamkhawulo.
  2. Yibuphi ubunzima uthisha uThuli abhekana nabo?
  3. Kungani uRiaz ekhathazekile ngempilo yakhe?
  4. Kungani ugogo uGabbie ezizwa enengcindezi?
  5. Ungabanika ziphi iziyalo othisha Thuli, uRiaz nogogo uGabbie?
11


Le ncwadi yezindaba ixoxa ngemibiko yomsakazo i-RX Radio. I-RX Radio ngumsakazo wezingane we-inthanethi futhi osakaza izindaba ezithinta zona.
-
Isakazela esiteshini esisesibhedlela saseKapa i-Red Cross War Memorial Children's Hospital.
-
I-RX Radio isiza izingane ukuba zikwazi ukuxoxa izindaba ngezinto ezibalulekile kuzona.
-
Vakashela i-RX Radio
12
Your attribution should include the following:
Title: Ukwethula umbiko ngesikhathi sikathaqa wezwe
Author/s: African Storybook
Translator/s: Zanele Ndlovu
Illustrator/s: Khanyisa Masemola
Assurer/s: Zanele Zuma
Language: isiZulu

© Zenex Foundation - Saide 2024

CC BY includes the following elements:
 BY   – Credit must be given to the creator