ULihle noLwandle bafunda ngeHlobo
Glanice Masilo
Khanyisa Masemola
ULihle noLwandle baya kumtapo wolwazi bayofunda ngoba babhala izivivinyo.
-
ULihle ulinde ngaphandle. Ubiza udadewabo, “Sheshisa Lwandle!”
1
“Sengilungile,” kusho uLwandle evala umnyango wangaphambili.
-
“Kungani ugqoke lezo zimpahla? Uyagula yini?” kubuza uLihle.
2
“Uma isimo sezulu singabanda, ngizobe ngizilungiselele!” ehleka kakhulu uLwandle.
-
ULihle uyaphendula, “Usuku olufudumele lwaseHlobo, wena ugqokele isikhathi sonyaka okungesona.”
3
Njengoba behamba, uLwandle uthi, “Kusekuseni, ilanga selibalele futhi likhanya bha.”
-
ULihle uyaphendula, “Yebo, yingakho wonke umuntu egqoke izimpahla zaseHlobo!”
4
ULihle uyachaza, “Kulesi sikhathi sonyaka, ilanga lisheshe liphume, bese liyephuza ukushona kunakwezinye izikhathi zonyaka. Maningi amahora asemini. Amazinga okushisa aba phezulu kakhulu eHlobo.”
5
“Awusakhumbuli lutho kulokho esakutshelwa uthisha wethu?” kubuza uLihle ephelelwa isineke.
-
ULwandle uyacabanga, bese ethi, “Yebo, ehlobo siphuza iziphuzo ezibandayo. Ngifuna isiphuzo esibandayo!”
6
“EHlobo sigqoka izimpahla ezilula. Abanye abantu basebenzisa izambulela ukuzivikela elangeni,” kusho uLihle.
-
“Ungasheshi kakhulu, ngiyafa ukushisa!” kukhalaza uLwandle.
7
“Bheka wonke umuntu uyazipholisa echibini lokubhukuda. Asihambe nathi siyobhukuda, kushisa kakhulu ukuthi singayofunda,” kuhleka uLwandle.
-
ULihle unikina ikhanda ezwa udadewabo esho lokhu.
8
“Ngiyawathanda amagwava namalitshi,” kusho uLihle, ebuka izithelo zaseHlobo ezidayisayo.
-
“Ngomile,” ephefumulela phezulu uLwandle.
-
“Thatha, bengiphethe amanzi,” kumoyizela uLihle.
9
“Lokhu kushisa kudlulele! Liphela nini iHlobo?” kukhefuzela uLwandle.
-
ULihle uyahleka, “Kuzomele ujwayele ngoba lisanda kuqala iHlobo. Amazinga okushisa azoqhubeka ekhuphuka.”
10

Imibuzo


  1. Thola okuthathu kule ndaba okwenzeka eHlobo.
  2. Iyiphi intombazane egqoke izingubo:
    • zaseBusika?
    • zaseHlobo?
    Chaza izimpendulo zakho.
  3. Bhala izinto ezimbili esingazisebenzisa ukuzipholisa.
  4. Ziyini izingozi zokuba selangeni elishisayo isikhathi eside kakhulu?
  5. Thola amanye amazwe amahlanu e-Afrika aba nalo iHlobo, iNtwasahlobo, uBusika neKwindla.
11
Your attribution should include the following:
Title: ULihle noLwandle bafunda ngeHlobo
Author/s: Glanice Masilo
Translator/s: Zanele Ndlovu
Illustrator/s: Khanyisa Masemola
Assurer/s: Sifiso Khoza
Language: isiZulu

© Zenex Foundation - Saide 2025

CC BY includes the following elements:
 BY   – Credit must be given to the creator