UTito nokhanyikhanyi
Cebo Solombela
Tebogo Matshana
UTito nabangani bakhe bebazihlalele ngaphandle ebusuku. Babefuna ukubona izinto ezenzeka ebusuku.
-
Kusenjalo babona ukukhanya okuningi kundiza emoyeni, kungathi izinhlansi zomlilo.
-
Kwakukhona izinhlansi zokukhanya zindiza phakathi kwabo zikhanya zibuye zicishe.
1
Bakhanyisa amathoshi abo befuna ukubona ukuthi ngabe lezi zinhlansi zivelaphi.
-
“Ungathi yiphupho. Ngabe ukukhanya kwangempela lokhu? Kuyini?” kubuza uTito.
-
“Mhlawumbe yizidalwa zomlingo,” kusho uNomalanga.
2
Lezi zidalwa ezazikhanyisa izinhlansi kwakuyizinambuzane.
-
Abangani baqala ukugijima belandela lezi zinhlansi zokukhanya bezama ukuzibamba.
-
Bebefuna ukuzibonela eduze lezi zinambuzane.
3
UTito wakwazi ukubamba izinambuzane ezimbalwa wazifaka ebhodleleni.
-
“Zibizwa ngokuthini zona lezi zinambuzane?” kubuza uSizwe ebuka phakathi ebhodleleni.
-
“Zikwenza kanjani ukukhanya?” kubuza uTito.
4
“Lesi sinambuzane sibizwa ngokuthi ukhanyikhanyi. Asiyona impukane kodwa siyibhungane,” kusho usisi kaTito omdala, uGcina.
-
“Lokhu kukhanya kuvela emzimbeni waso,” kusho yena usisi.
-
“Ngifunda ngokhanyikhanyi esikoleni,” eqhubeka.
5
Ukhanyikhanyi uqala impilo yawo uyisibungu, esichanyiselwe eqandeni.
-
Ukhanyikhanyi wesifazane uzalela amaqanda enhlabathini.
-
Isibungu sikhula size sibe yibhungane.
-
Ibhungane liphuma emhlabathini selinezimpiko.
6
Enye inhlobo yokhanyikhanyi isebenzisa uphawu lwamakhemikhali ukuheha omata bawo.
-
Umzimba kakhanyikhanyi wenza ikhemikhali elenza ukuba acwebezele.
-
Lezi nambuzane zibheka ukukhanya ukuze zikwazi ukutholana nomata bazo.
7
“Habe, wazi lukhulu!” kusho uTito kusisi wakhe.
-
UGcina waphendula, “Ngazi yonke into. Manje yisikhathi sokuyolala uyeke okhanyikhanyi bandize.”
-
UTito wakudedela okungokhanyikhanyi kwaphuma ebhodleleni kwandizela ebumnyameni bobusuku.
8
Your attribution should include the following:
Title: UTito nokhanyikhanyi
Author/s: Cebo Solombela
Translator/s: Zanele Ndlovu
Illustrator/s: Tebogo Matshana
Assurer/s: Zanele Zuma
Language: isiZulu

© Zenex Foundation - Saide 2024

CC BY includes the following elements:
 BY   – Credit must be given to the creator