Impilo yasesiqiwini
Henny Mthombeni
Magriet Brink
Kusekuseni kakhulu lapha esiqiwini, uHenny ongomunye wabaqaphi bezilwane uziphuzela itiye lakhe.
-
Uhlezi lapha endaweni okugcinwa kuyo izilwane ezisencane kuphinde kubhekwe nalezo ezidinga ukunakekelwa. Ulinde kufike udokotela wezilwane.
1
Udokotela uNosiso ongudokotela wezilwane zasendle, uvakashele esiqiwini ukuzohlola amazinyane engulule asanda kuzalwa.
-
Uthe angaqeda ukuhlola amazinyane, abaqaphi oHenny no-Ann bawapha ukudla.
2
Ngesikhathi indiza enophephela emhlane yalapha esiqiwini indiza ihlola isiqiwi, abashayeli bayo babona inkonyane lendlovu lilele phansi. Laliqulekile.
-
Indiza yeza yazothatha uDokotela uNosiso nomqaphi uHenny yabasa kuleli nkonyane lendlovu.
3
“Le ndlovu idinga ukuhanjiswa esibhedlela sezilwane ngokushesha!” kusho uDokotela uNosiso.
-
Abaqaphi babeka inkonyane ohlakeni balifaka endizeni. Yasuka indiza iliphuthumisa esibhedlela.
4
Kuthe lingathola usizo olusheshayo inkonyane, lahanjiswa endaweni okubhekwa kuyo izilwane ezincane esiqiwini.
-
“Kubukeka sengathi usuhlale izinsuku ungaphuzi lutho,” kusho uHenny ehlebezela inkonyane ngesikhathi elincelisa.
5
Emva kwamasonto, inkonyane lakhula laba likhulu futhi laba namandla. Laba yindlovu encane egangile eyayithanda ukudlala nabaqaphi ibaqilige.
-
Lalimthanda kakhulu umqaphi uHenny!
6
Ngobunye ubusuku kwafika iloli elilethe inkonyane lendlulamithi eligulayo.
-
Bonke abaqaphi kwakumele basize ukuhambisa leli nkonyane elibuthakathaka endaweni yezilwane ezincane liphephile.
7
UDokotela uNosiso wabhala phansi imithi edingekayo ukwelapha le ndlulamithi.
-
Wonke umuntu wayekhathazekile ngalesi silwanyana esasehluleka ngisho nokuma ngezinyawo.
8
Emva kwezinyangana inkonyane lendlulamithi lakhula laba lide laba namandla.
-
UHenny waqala ukugibela eladini uma elincelisa.
9
Maduze nje, lezi zilwane eziphile kahle zizobuyela empilweni yasendle ziyozimela ngokwazo. Kodwa okwamanje, zisajatshuliswa ukudlala ndawonye lapha endaweni yezilwane ezincane.
-
Izilwane zibalulekile, kanjalo nabaqaphi bazo.
10
Your attribution should include the following:
Title: Impilo yasesiqiwini
Author/s: Henny Mthombeni
Translator/s: Zanele Zuma
Illustrator/s: Magriet Brink
Assurer/s: Zanele Ndlovu
Language: isiZulu

© Zenex Foundation - Saide 2024

CC BY includes the following elements:
 BY   – Credit must be given to the creator