Please view the book
in landscape mode.
Udadewethu omdala uyagula
Lerato Tsotetsi
Omphemetse Ramatlhatse
Igama likadadewethu nguRasego.
-
Ungishiya ngeminyaka emibili.
-
Ungudadewethu omdala.
1
URasego ungisiza ngokungigqokisa izingubo zami zesikole ekuseni.
2
Zonke izinsuku uyangiphelekezela uma ngiya esikoleni.
-
Kepha namhlanje, uRasego akaphilile kahle.
3
Udadewethu omdala uyagula.
-
Awu bakithi! Ngizokwenzenjani?
-
Angijabule neze!
4
Endleleni eya esikoleni, ngihlangane noTumi.
-
Sihambisane naye.
-
Lokhu kungenze ngazizwa ngingconywana.
5
Esikoleni, uthisha wami ungiculele iculo.
-
Lokhu kungenze ngajabula.
6
Ngesikhathi sokudlala, uBoipelo udlale nami.
-
Lokho kungenze ngajabula akhudlwana.
7
Ekupheleni kosuku, bengiyintombazane ejabule kakhulu esikoleni.
-
Angikwazi nokuzibamba ukutshela udadewethu ngosuku lwami!
8
Your attribution should include the following:
Title
: Udadewethu omdala uyagula
Author/s
: Lerato Tsotetsi
Translator/s
: Zanele Ndlovu
Illustrator/s
: Omphemetse Ramatlhatse
Assurer/s:
Zanele Zuma
Language:
isiZulu
© Zenex Foundation - Saide 2024
CC BY
includes the following elements:
BY
– Credit must be given to the creator