Uju
Martha Kekana Mathamela
Tammi Mbambo
UKopano noLereko babedla amakhekhe ababewabhakelwe umama wabo.
-
La makhekhe ayegcwele uju.
1
ULereko wabuza umama wabo, “Ngabe uju luvela phi?”
-
“Mntanami, izinyosi yizo ezenza uju” kusho umama.
2
“Izinyosi zenza uju ngezimbali. Ziqoqa umpe nempova ezimbalini,” kuchaza umama.
-
“Izinyosi zifafaza impova ziyifafazele kwezinye izimbali.”
3
“Lokho kubizwa ngokuthi ukuqhola –kusiza izitshalo ukuzalana ngokucheleka kwempova.
-
Impova iyingxenye yembewu.”
4
“Izinyosi zithutha impova isuke kwesinye isitshalo iye kwesinye. Ziqhola izitshalo zethu,” kusho umama.
-
“Ezinyosini siphinde sithole neminye imikhiqizo ewusizo.”
5
“Ngiyazi! Sithola uju ezinyosini,” kusho uKopano.
-
ULereko naye wathi, “Uju lunambitheka njengoshukela futhi lumnandi!”
6
“Uju luphinde lusetshenziswe ukwenza imithi yokwelapha,” kusho umama.
-
“Amanye amaphilisi nezimpuphushana zemithi yemvelo kwenziwe ngoju.”
7
“Uju ludambisa izinhlungu zomphimbo, ukukhwehlela nomkhuhlane.”
8
“Uju lusiza ukwelapha izilonda nokusha.”
9
“Uju aluluhle kubantwana abancane. Lungenza bagule kakhulu” kwexwayisa umama.
10
“Benilalele nje? Kungani izinyosi zibalulekile?” kubuza umama.
-
“Ziqhola izitshalo!” kusho uLereko.
-
“Futhi zenza noju!” kusho uKopano.
11
Kusukela ngalelo langa, uKopano noLereko bazihlonipha izinyosi.
12
Your attribution should include the following:
Title: Uju
Author/s: Martha Kekana Mathamela
Translator/s: Zanele Ndlovu
Illustrator/s: Tammi Mbambo
Assurer/s: Zanele Zuma
Language: isiZulu

© Zenex Foundation - Saide 2024

CC BY includes the following elements:
 BY   – Credit must be given to the creator