Uhambo lukaXikochimani
Hlekane Paulinah Baloyi
Brian Wambi
Ngalelo langa uXikochimani wavuka ekuseni kakhulu.
-
Waba ngomunye wabantu abafika kuqala esiteshini samabhasi namatekisi.
-
Lolu kwakuwuhambo lwakhe lokuqala eyedwa.
1
Wayevakashela umkhulu wakhe uGalela owayehlala edolobheni elikude.
-
Kwathi kusenjalo indoda yamemeza amagama ezindawo uXikochimani ayezazi.
-
“Woza, liyahamba ibhasi manje!” kumemeza indoda.
2
Kwase kusele kancane ligcwale ibhasi. UXikochimani wama elinde ukuthi kubizwe inamba yethikithi lakhe.
-
Kwakukhona umfana owayemi emnyango webhasi.
-
UXikochimani wazizwa ephelelwa yisineke sokulinda.
3
Isihlalo sikaXikochimani sasiduze kwefasitela, ehlezi eduze kwabashadikazi ababehamba ndawonye uRhulani noMadzivandlela.
-
Kwakushisa kakhulu ebhasini.
4
Abadayisi bokudla babelokhu bengena bededelana ebhasini, umsindo wabo wawuvala izindlebe!
-
Babedayisa iziphuzo ezibadayo, ubhanana, amaswidi, izinyama nezinye izinto zokuthiba indlala.
5
UMadzivandlela wakhipha imali ayeyishutheke ebeleni lakhe wathenga izithelo ezazidayiswa enye indoda eyayinobuso obuchachambile.
-
Wabeka phansi incwadi yakhe waqala wadla izithelo ngokuzijabulela.
6
Umshayeli wangena ebhasini wabingelela abagibeli. “Khululekani nijabulele uhambo,” wamemeza bonke abagibeli.
-
UMzamani wayewaphinda wonke amagama ashiwo umshayeli!
7
Umgwaqo owawuya edolobheni wawumude futhi unamajika.
-
UXikochimani wayejabule ukubuka izindawo ezinhle ibhasi elalizedlula.
8
Kwakusashisa kakhulu ebhasini nakuba ilanga lase liyoshona. Abagibeli babejuluka bephicika futhi bozela.
-
URhulani wabamba isikhwama sakhe wasiqinisa ngesikhathi esefikelwa ubuthongo.
9
Emva kwesikhashana bazunywa ubuthongo bobathathu oXikochimani, uRhulani noMadzivandlela.
-
UMadzivandlela wayehona kakhulu.
-
Balala bathi zwi ngesikhathi ibhasi lithubeleza ubusuku bonke.
10
UXikochimani wavuswa yisandla esasimthinta ehlombe.
-
“Isiteshi sokugcina lesi, kanti wena uyaphi?” kubuza indoda esemuva kwakhe.
11
UXikochimani wehla ebhasini.
-
Akabonanga buso abaziyo.
-
Wakhuluma yedwa ezitshela ethi, “NginguXikochimani ozalwa uRhulani kaGalela kaXihimu. Ngizofika kwamkhulu.”
12
Your attribution should include the following:
Title: Uhambo lukaXikochimani
Author/s: Hlekane Paulinah Baloyi
Translator/s: Zanele Zuma
Illustrator/s: Brian Wambi
Assurer/s: Zanele Ndlovu
Language: isiZulu

© Zenex Foundation - Saide 2024

CC BY includes the following elements:
 BY   – Credit must be given to the creator