UBrenda Fassie, iNdlovukazi yomculo wepop yase-Afrika
Sara Mohale
Khanyisa Masemola


UBrenda Fassie owayengumculi odume kakhulu wazalelwa elokishini laseKapa iLanga Township mhla zi-3 kuNovemba ngonyaka ka1964.
-
Igama lakhe lesidlaliso ayebizwa ngalo abalandeli bakhe kwakungu’MaBrrr’
-
Wayezalwa emndenini ompofu. Umama wakhe wayesebenza emakhishini kanti ubaba wakhe washona uBrenda eseneminyaka emibili kuphela ubudala.
1
Wayenguthunjana ezinganeni eziyisishiyagalolunye. Umama wakhe wayecabanga ukuthi uzoba ngumfana. Kwathi angazalwa kwadingeka ukuthi acabange igama lentombazane ngokushesha.
-
Njengoba umama kaBrenda naye wayengumculi, wamqamba ngegama lomculi waseMelika uBrenda Lee.
2
Eseneminyaka emine kuphela wayesecula emicimbini yamasonto. Umama wakhe wayedlala upiyano, uBrenda acule.
-
Wathi ehlanganisa iminyaka eyisithupha wase ecula neqembu elalibizwa ngokuthi i‘Tiny Tots’. Leli qembu laliculela abavakashi baseKapa bese belikhokhela imali.
3
Kwathi angakhula abe yintonjana, abaculi baseKapa baqala ukuqhosha ngaye.
-
UKoloi Lebona owayengumdidiyeli womculo owaziwayo eGoli wafika wazomvakashela. Wayethatheke kakhulu yizwi lale ntokazi elalilihle ngokubabazekayo.
-
UBrenda wabe eseya eGoli nalapho afika khona waqala ngokushesha iqembu lakhe elalibizwa ngokuthi i‘Brenda and the Big Dudes’.
4
Leli qembu laqamba iculo elithi ’Weekend Special’ nokuyiculo eladayisa ubuthaphuthaphu eNingizimu Afrika yonkana.
-
Abalandeli abansundu nabamhlophe emhlabeni wonke babelidansela leli culo.
-
Lalithandwa abantu abaningi kakhulukazi lalidlalwa ngezimpelasonto kusukela ngoLwesihlanu kuze kube yiSonto.
5
Ngonyaka ka1998, uBrenda waqala ukusebenza noChicco Twala naye owayengumdidiyeli womculo. Bakhiqiza amarekhodi adayisa ngezinkulungwane futhi engamanoni. Amanye awo yilawa: ‘Too late for Mama’, ‘Memeza’ nelithi ‘Nomakanjani’.
-
Impumelelo yakhe yamzuzisa izindondo zomculo lapha eNingizimu Afrika naphesheya kwezilwandle. UMa Brr waqala ukuba ngusaziwayo wezomculo emhlabeni wonke jikelele!
6
UBrenda wayedume kakhulu lapha eNingizimu Afrika kangangokuthi wawungekho umcimbi lapho kungadlawa khona nelilodwa lamaculo akhe.
-
Iculo lakhe elithi: ‘Vulindlela’ lalithandwa kakhulu emishadweni.
-
Leli elithi: ‘Ag shame lovey’, lalithandwa kakhulu yizingane ezazimlingisa esenza imigilingwane yemidanso yakhe kanye nakwenza ngobuso bakhe ngesikhathi elicula.
7
Abalandeli bakaBrenda babechwaza bamemeze igama lakhe ngesikhathi belinde ukuthi angene esiteji.
-
Kwakuthi angaqala ukucula bacule kanye naye babuye bakhale. Ukuzwa izwi lakhe kwakubenza bazame nokududula amaphoyisa angabaqaphi ngoba befisa ukumthinta ngesandla!
8
Ngonyaka ka1990 uMaBrrr wahlonipha uNelson Mandela ngokuqamba ngaye iculo elaba yinoni elithi ‘Black President’.
-
Ngaleso sikhathi uMadiba wayesesejele kanti uhulumeni wobandlululo wagcina wakumisa ukuculwa kwalo.
-
Lokhu kwenza uBrenda agcine esekhethe ukucula ngolimi lwesiZulu, isiXhosa nangeseSotho kuphela. Abantu bavele bamthanda kakhulu ngalokhu.
9
Nakuba iphupho likaBrenda lokuba yisihlabani somculo wepop lafezeka, kodwa washeshe wadlula emhlabeni esemncane. Washona eneminyaka engama-39 kuphela mhla ziyi-9 Meyi ngonyaka ka2004.
-
Kwakungusuku olubuhlungu kakhulu eNingizimu Afrika lolu. Abantu bashaqeka ukuzwa izindaba zokwedlula kwakhe emhlabeni. Abaningi bahlanganyela bekhalela leli qhawe. Washiya emhlabeni indodana yakhe uBongani.
10
Emva kokushona kwakhe, izixuku zagijima zayothenga umculo wakhe.
-
Abalandeli bakhe babecabanga ukuthi umculo wakhe ngeke usatholakala.
-
Kukholakala ukuthi inkampani yomculo wakhe yadayisa izinkulungwane ngezinkulungwane zamarekhodi akhe.
11
Endaweni yaseNewtown eGoli kukhona isithombe sakhe esakhiwe ngethusi. Sakhiwa kule ndawo ukumhlonipha.
-
Eduze kwesithombe kukhona isitulo abantu abafike bahlale kuso uma bevakashele iNdlovukazi yomculo wepop yase-Afrika.
12
UBrenda wayenguchwepheshe kwezomculo futhi akasoze akhohlakala.
-
Ungomunye wezihlabani zaseNingizimu Afrika zomculo wepop futhi wanikeza abaculi abaningi ugqozi lokucula.
-
Kumanje nje abantu abasha sebezitholela amaculo ayenza wonke umuntu afune ukudansa.
13

Imibuzo


  1. Ngabe wazalelwaphi uBrenda?
  2. Ucabanga ukuthi kungani iqembu lakhe lalibizwa ngokuthi, ‘Tiny Tots’?
  3. Ngabe umculo kaBrenda wawenza abalandeli bakhe bazizwe benjani? Chaza impendulo yakho.
  4. Kwakuyini umbuso wobandlululo? Tholisisa kabanzi.
  5. Dweba bese ulebhela lokho okukuhlaba umxhwele endabeni.
14


Le ncwadi yabhalwa ngolimi lwesePedi njengenye yezinsiza zokufunda zeprijekthi yeZenex Ulwazi Lwethu ezibhalwe ngo 2021.
15
16
Your attribution should include the following:
Title: UBrenda Fassie, iNdlovukazi yomculo wepop yase-Afrika
Author/s: Sara Mohale
Translator/s: Zanele Zuma
Illustrator/s: Khanyisa Masemola
Assurer/s: Translator: Zanele Ndlovu
Language: isiZulu

© Zenex Foundation - Saide 2024

CC BY includes the following elements:
 BY   – Credit must be given to the creator