Amandla kaSimangaliso
Sponono Mahlangu
Khanyisa Masemola
USimangaliso uhlala eLimpopo esigodini esakhelene nomfula.
-
Abantu bakholwa ukuthi unamandla okwenza imilingo.
-
Bonke abantu bakule ndawo bahlala bekhuluma ngaye.
1
USimangaliso uthanda ukucula ngezwi elihle elipholile. Uhlala ehlathini lapho eculela khona izinyoni nezilwane.
-
Uthanda ukucula uma seliyoshona ilanga. Abantu basuka ezindaweni ezikude ukuzomlalela.
2
USimangaliso unezinwele ezinde ngokungavamile. Uyakwazi ukuzishintsha ngendlela athanda ngayo. Kwesinye isikhathi wenza zinyamalale ziphinde futhi zivele.
-
Njalo uma ecula izinwele ziyahlakazeka zivale ubuso bakhe.
3
Zonke izinsuku uSimangaliso uyahamba azungeze ihlathi.
-
Uyakwazi ukuzwa uma kukhona ingozi ezayo.
-
Uyakwazi nokubona uma kukhona umuntu oza kuye ngenhloso yokwenza okubi.
4
Ngelinye ilanga, uSimangaliso wathatha isinqumo sokuthi ayobona ukuthi baphila kanjani abantu ngaphesheya komfula omkhulu.
-
Wanquma ukuthatha uhambo.
-
Kwathi angafika phezu komfula omkhulu, wazibuza, “Ingabe ngizowela kanjani?”
5
Wathi ukucabanga kancane wase ememeza, “Amandla! Amandla!”
-
Ngokushesha, kwavela ibhuloho.
-
Wakwazi ukuwelela ngaphesheya komfula waqhubeka nohambo lwakhe. Wahamba waya kude nehlathi ayelijwayele.
6
USimangaliso wazizwa ekhathele. “Ngidinga indawo engizophumula kuyo,” wacabanga.
-
Wamemeza, “Amandla! Amandla!”
-
Ngokushesha kwavela utshani bamzungeza. Wahlala phansi waphumula phezu kotshani obuhle obuluhlaza.
7
Wazizwa eselambile. “Ngikude nehlathi. Ngabe ngizokutholaphi ukudla?” wazibuza.
-
Wakhotha izindebe zakhe wamemeza, “Amandla! Amandla!”
-
Ngokushesha, kwavela amabhodwe, izitsha nezinkomishi.
8
Ukudla ayekuthanda kwavele kwagcwala amabhodwe kanjalo neziphuzo.
-
Wazitika ngokudla neziphuzo.
-
Kusenjalo, wezwa umsindo.
9
USimangaliso wavele wezwa ukuthi kukhona umuntu ozayo engakafiki eduze kwakhe.
-
Wamemeza, “Ngubani lowo?”
-
“Yimina. Igama lami nguBusi,” kuphendula intombazane ngezwi elincane.
-
USimangaliso wayazi uBusi wayeze ngobuhle.
10
“Ngedukile,” kusho uBusi.
-
“Woza uzodla futhi uphuze nami!” kusho uSimangaliso. UBusi wazitika ngokudla waze wasutha.
-
Bahlala baxoxa. UBusi waxoxela uSimangaliso ukuthi wayeduke kanjani.
11
USimangaliso naye waxoxela uBusi ngohambo lwakhe lokuzothola ukuthi abantu baphila kanjani ngaphesheya komfula.
-
Kwaba mnandi ukuhlala ndawonye bexoxa sebengabangani. Wamoyizela futhi uSimangaliso wamemeza, “Amandla! Amandla!”
-
UBusi wahamba ephephile waze wayofika ekhaya.
12
Your attribution should include the following:
Title: Amandla kaSimangaliso
Author/s: Sponono Mahlangu
Translator/s: Zanele Zuma
Illustrator/s: Khanyisa Masemola
Assurer/s: Zanele Ndlovu
Language: isiZulu

© Zenex Foundation - Saide 2024

CC BY includes the following elements:
 BY   – Credit must be given to the creator