UMmantsae Moche Diale namandla elanga
Thembekile Malibe
Omphemetse Ramatlhatse


Lencwadi ixoxa ngoMmantsae Moche Diale, usoSayensi WaseNingizimu Afrika.
-
UMmantsae unguSosayensi ofunda ngamandla elanga, nendlela abantu abangawasebenzisa ngayo la mandla.
1
“Bafundi ngifuna ukunitshela ngosoSayensi ovelele eNingizimu Afrika,” kwasho uthisha uMpilo.
-
“Lo muntu wazalelwa esigodini esincane eLimpopo wagcina esenguSosayensi owaziwayo.”
-
Waqhubeka uthisha, “iPhysics ingxenye yeSayensi yeMvelo, okungulwazi olumayelana nezinto ezibambekayo kanye namandla.”
2
Uthisha waqhubeka, “Iqhawe lethu elingusoSayensi namhlanje nguMmantsae Moche Diale.”
-
“Wazalelwa emaphandleni aseGa-Masemola eLimpopo. Wafunda esikoleni iSekobletlane Maphutha.”
-
“Kwakunezigxobo zikagesi ezinkulu ezazinqamula phakathi kwesigodi sangakubo. Kodwa babengenawo ugesi lapha esigodini sakubo.”
3
“Eseyingane wayethanda ukwazi ngokuphathelene namandla kagesi nokuthi siwathola kanjani. Wayazi ukuthi wonke umuntu kufanele abe namandla kagesi enele ukuze akwazi ukuhlangabezana nezidingo zakhe.”
-
Uthisha wathi ukuma ukuxoxa indaba yakhe, wabuza, “Ningangitshela ukuthi iyiphi imithombo yamandla kagesi?”
4
“Amalahle angumthombo obalulekile. Sishisa amalahle ukukhanda ugesi,” kusho uNhlavu.
-
“Yebo, kodwa umhlaba wethu usuyaphelelwa ngamalahle neminye imithombo yamandla esingakwazi ukuphinda siyisebenzise kabusha,” kuphendula uthisha.
-
“Ilanga nomoya yimithombo ephinda isebenziseke kabusha” kusho uSphe, uthisha wavuma ngekhanda.
5
Uthisha waqhubeka nokuxoxa indaba yakhe, “Ngenkathi esemncane uMmantsae wayazi ukuthi wayefuna ukuthola indlela yokuba wonke umuntu athole amandla kagesi abiza inani eliphansi futhi ahlanzekile esebenzisa imithombo ekwazi ukuphinde isebenziseke kabusha.”
-
Wafunda iZibalo neSayensi yeMvelo esikoleni, futhi wayethanda iPhysics. Wayazi ukuthi ufuna ukufunda iPhysics eNyuvesi,” kusho uthisha.
6
“Abantu babuza uMmantsae, ‘Ucabanga ukuthi uyokwenzani ngePhysics? Ungawuthola umsebenzi?’ Babengamkhuthazi ukufunda lesi sifundo.”
-
“Wafunda wathola iziqu zeSayensi nezeMfundo, ukuze abe nguthisha weSayensi. Wayezimisele nokufunda kabanzi ngemithombo yamandla kagesi enokuphinda isetshenziswe kabusha,” kwasho uthisha.
7
USphe wabuza, “Thisha, kwakungobani abantu ababeyisibonelo esihle kuMmantsae?”
-
“Ewu, babembalwa abesifazane ababesebenza ngesifundo sePhysics, futhi babembalwa kakhulu abansundu abangosoSayensi,” kwaphendula uthisha.
-
UMmantsae wayesebenza nosoSayensi besilisa kuphela. Babengekho abantu besifazane ayebukela kubo eNingizimu Afrika ngaleso sikhathi.”
8
“Emva kweminyaka eminingi efunda, uMmantsae waba nguSolwazi weSayensi. Manje uyafundisa aphinde enze nocwaningo eNyuvesi,” uthisha uMpilo watshela ikilasi.
-
“Uyisibonelo esihle emantombazaneni amancane ansundu akumkhakha weSayensi, ikakhulukazi iPhysics.”
-
“Wenza ucwaningo olubalulekile kakhulu,” kwasho uthisha.
9
Uthisha wachaza, “Ucwaningo lwakhe lumayelana nokuthola izindlela zokuthola amandla amaningi anokuphinde akwazi ukulondolozeka.”
-
“Amandla atholakale elangeni alondoloziwe angaphinde asetshenziswe ezindaweni ezisemaphandleni.”
-
“Amandla atholakale elangeni angumthombo oshibhile futhi angaphinde asebenziseke kabusha.”
10
Uthisha wabuza “Ningangitshela ukuthi sichaza ukuthini uma sithi ‘imithombo yamandla enokuphinde isebenziseke kabusha nengeke ikwazi ukusebenziseka kabusha?”
-
Amandla anokuphinde asebenziseke kabusha awapheli, njengelanga nje,” kwasho uNtando.
-
“Amandla angeke aphinde asebenziseke kabusha ayaphela, njengamalahle awukwazi ukuphinde uwasebenzise,” kusho uVusiwe.
11
Siphela lapho isifundo.
-
Uthisha waphetha, “UMmantsae uhola iqembu lwabacwaningi abafunda ‘ngamandla ahlanzekile, emvelo’ – amandla anokusebenziseka kabusha.”
-
“Inhloso yalolu cwaningo ukukhiqiza ‘ingxenye encane yamandla elanga ezokwazi ukuthatha amandla elangeni, iwayise kubantu.”
12
Lisaqoqa ikilasi, uthisha uMpilo wathi, “uSolwazi uDiale unesifiso sokubona abantu besifazane abaningi befunda iPhysics. Ngiyathemba amantombazane amaningi lapha azofunda iSayensi neZibalo!”
-
“Nabafana ngokunjalo!” kumamatheka uthisha.
13

Imibuzo


  1. Kungani uMmantsae wayenothando lwamandla elanga esemncane?
  2. Yini amandla elanga? Singawasebenzisa kanjani amandla elanga?
  3. Uyinhloboni yosoSayensi uSolwazi uDiale? Ucwaningo lwakhe lumayelana nani?
  4. Yibuphi ubunzima uMmantsae ahlangabezana nabo ekufezeni amaphupho akhe?
14

Izincwadi ezikulolu chungechunge


  • U-Andile Mji
  • U-Asnath Mahapa
  • UBongani Mayosi
  • UCharlotte Maxeke
  • UMmantsane Moche Diale
  • UMulalo Doyoyo
  • UTebello Nyokong
  • UTshilidzi Marwala
15


Lendaba ibhalwe ngolimi lwesiSwati nje ngenye yezonsiza zokufunda zeprojekthi yeZenex Ulwazi Lwethu ngo-2020.
16
Your attribution should include the following:
Title: UMmantsae Moche Diale namandla elanga
Author/s: Thembekile Malibe
Translator/s: Zanele Ndlovu
Illustrator/s: Omphemetse Ramatlhatse
Assurer/s: Zanele Zuma
Language: isiZulu

© Zenex Foundation - Saide 2024

CC BY includes the following elements:
 BY   – Credit must be given to the creator