ULihle noLwandle bafunda ngekwindla
Sara Mohale
Busisiwe Ndlovu
ULihle noLwandle bavakashela ipulazi likagogo wabo eVhembe.
-
Bayaqala ngqa ukuvakasha.
-
Bavuka bezwa imisindo engajwayelekile ngaphandle kwefasitela labo.
1
“Sawubona gogo,” kubingelela amantombazane. “Owani lowo msindo?”
-
“Sanibonani!” Oweqhude, liyasivusa ukuze senze imisebenzi yasepulazini,” kuhleka ugogo.
2
“Kusemnyama ngaphandle, kodwa isikhathi sesihambile kunalokhu enikucabangayo. Ekwindla, ilanga liyephuza ukuphuma bese liyashesha ukushona kunasehlobo.” kusho ugogo.
3
Ugogo uyaqhubeka, “Ekwindla, isimo sezulu siyaphola. Kodwa kusuke kusafudumele kunasebusika.”
-
“Asikazidingi izimpahla zethu zasebusika,” kuvuma uLwandle.
4
“Ekwindla, ubona izitshalo eziningi zishintsha umbala bese ziqala ukubuna. Sesizoqeda ukuvuna izitshalo zethu,” kusho ugogo.
5
“Kuleli pulazi ngesikhathi sekwindla, sivuna ubhontshisi, iklabishi, ikholifulawa nesipinashi.” kuchaza ugogo.
-
Uyenezela, “Ebusuku sizodla imifino emisha sha yasepulazini ngesidlo sethu sakusihlwa.”
6
“Kunokuba sihlale sithenga imifino, singathanda ukuzitshalela nathi ekhaya edolobheni,” kusho uLihle.
-
“Ngumbono omuhle lowo! Ngizonifundisa,” kuthembisa ugogo.
7
ULwandle uyabuza, “Gogo, ngabe uyazilima izithelo? Isithelo engisithanda kakhulu kunazo zonke yikhabe!”
-
Ugogo uyahleka, “Sisanda kuvuna isivuno esikhulu samakhabe amnandi.”
8
“Ngesikhathi sekwindla, izilwane ezizelwe noma ezichanyiselwe entwasahlobo sezikhulile, futhi ezinye siyazidayisa.
-
Izilwane zethu zisinika ubisi, amaqanda nenyama,” kusho ugogo ngokuziqhenya.
9
“Sizodla amaqanda amasha ngesidlo sasekuseni, bese sisebenza engadini yemifino,” kumoyizela ugogo.
-
ULihle noLwandle bayakujabulela ukusebenza engadini nogogo!
10

Imibuzo


  1. Ekwindla, yiluphi ushintsho olwenzekayo:
    • ezitshalweni?
    • emazingeni okushisa?
    • ekuphumeni nasekushoneni kwelanga?
    • ezilwaneni?
  2. Kwenzekani epulazini likagogo kulesi sikhathi sonyaka?
  3. Ingabe ikwindla elikule ndatshana liyafananoma lihlukile kunalelo lalapho uhlala khona? Chaza.
  4. Yimaphi amakhono angafundwa amantombazane kugogo?
11
Your attribution should include the following:
Title: ULihle noLwandle bafunda ngekwindla
Author/s: Sara Mohale
Translator/s: Zanele Ndlovu
Illustrator/s: Busisiwe Ndlovu
Assurer/s: Sifiso Khoza
Language: isiZulu

© Zenex Foundation - Saide 2024

CC BY includes the following elements:
 BY   – Credit must be given to the creator