ULihle noLwandle bafunda ngobusika
Ndivhuho Mutsila
Vusi Malindi
ULihle noLwandle bahamba ngebhasi bavakashela umalume wabo eLesotho.
-
Uhambo lwabo lokuqala ngqa oluya ezweni elincane elisezintabeni eziphezulu.
1
La mantombazane andawonye abuka indawo ngefasitela.
-
“Iqhwa lemboze yonke indawo,” kumemeza uLwandle ngokumangala.
-
“Ungathi yingubo emhlophe emboze yonke into,” kuvuma uLihle.
2
“Ngiyajabula leli bhasi lifudumele ngaphakathi!” kubabaza uLwandle.
-
“Yebo, kuyabanda ngaphandle. Ubusika bakule ndawo buqhaqhazelisa amazinyo,” kusho uLihle.
3
“Ubusika baseLesotho bubanda kakhulu bedlula obasekhaya eLimpopo,” kuqhubeka uLihle.
-
“Eish, ngiyathemba ngipakishe izimpahla ezifudumele ezanele,” kusho uLwandle.
4
Liyafika ibhasi, baphakamisela umalume wabo owayewahlangabezile izandla. Ugqoke ijazi elikhulu, isikhafu nesigqoko.
-
“Ee-ee!” kusho uLwandle ephuma ebhasini eqhaqhazela.
5
Amajezi amantombazane alula kakhulu, kuleli zinga lokubanda lale ndawo.
-
Umalume uphathele abashana bakhe izingubo ezinhle ezifudumele.
-
“Ngiyanemukela ebusika!” ebabingelela.
6
“Niqaphele lapho nihamba khona, lendawo ineqhwa futhi liyashelela,” ebaxwayisa.
-
Badlula iqoqwana lezimvu ezinoboya zigoqene ndawonye ukuze zifudumale.
7
Ngaphansi kweqhwa, utshani bomile futhi bunsundu.
-
Akukho tshani obuningi obungamadlelo ezilwane.
-
Izitshalo eziningi ziyama ukukhula noma zife phakathi nobusika.
8
Amantombazane ahlala emlilweni eqhugwaneni likamalume.
-
Uwalethela inyama yenkomo enamazambane ashisayo. “Lokhu wukudla kwethu komdabu okubizwa ngokuthi , i-lekhotloane ngeseSotho futhi kuzonifudumeza,” kusho umalume.
9
“Ebusika ilanga liyephuza ukuphuma bese liyashesha ukushona. Sizoba sendlini amahora amaningi,” kusho umalume.
-
“Sizilungiselele ngezincwadi nemidlalo,” esho kanye kanye amantombazane.
10

Imibuzo


  1. Bakuphi oLihle noLwandle? Thola lendawo ebalazweni.
  2. Yisiphi isikhathi sonyaka?
  3. Thola amagama amathathu achaza lesi sikhathi sonyaka.
  4. Bhala izimpahla ezine zobusika.
  5. Ingabe ubusika baseLesotho buyafana nobusika balapho ohlala khona? Chaza.
  6. Yibuphi ubusika obuthanda kakhulu? Chaza.
11
Your attribution should include the following:
Title: ULihle noLwandle bafunda ngobusika
Author/s: Ndivhuho Mutsila
Translator/s: Zanele Ndlovu
Illustrator/s: Vusi Malindi
Assurer/s: Sifiso Khoza
Language: isiZulu

© Zenex Foundation - Saide 2024

CC BY includes the following elements:
 BY   – Credit must be given to the creator