ULihle noLwandle bafunda ngentwasahlobo
Tebogo Matshana
Tebogo Matshana
ULihle noLwandle bavakashele umzala wabo uLina eNyakatho Kapa.
-
ULina uhamba nabo ukuyobona izimbali endaweni ebizwa ngokuthi i-Namaqualand.
1
La mantombazane ahlezi ndawonye amangele!
-
“Umhlaba umbozwe yimibalabala egqamile!” kubabaza uLwandle.
-
ULina uyamoyizela, “Ekuqaleni kwentwasahlobo, izimbali eziningi lapha ziyaqhakaza.”
2
ULina uyaqhubeka, “Emva kwezimvula, njengoba amazinga okushisa eqala ukukhuphuka, izimbali zikhula yonke indawo.”
-
“Ngesikhashana nje, leli zwe elomile liyashintsha libe yinsimu yezimbali.”
3
“Entwasahlobo, umama utshala izimbewu engadini. Ngubani otshale izimbali lapha?” kubuza uLwandle.
-
ULina uyaphendula, “Lezi yizimbali zasendle, azitshalwanga muntu.”
4
“I-Namaqualand inezinhlobo eziningi zezitshalo, izilwane kanye nezinambuzane,” kusho uLina.
-
“Ngicabanga ukuthi lokho kubizwa ngokuthi i-‘biodiversity’,” kukhumbula uLwandle.
“I-Bio ini?” kubuza uLwandle.
5
“Yebo, i-Biodiversity kulapho uthola khona izinhlobo ezahlukahlukene zezinto eziphilayo,” kuphendula uLina.
-
“I-Biodiversity yenza zonke izinto zemvelo zikwazi ukuphila ndawonye ngokwelekelelana.
6
Amantombazane adlula umelusi eluse izimvu zakhe. “Beee!” kukhala izimvu.
-
“Beee!” amantombazane aphinda kanye kanye.
-
“Amazinyane emvu amaningi azalwa entwasahlobo,” kuqaphela uLihle.
7
“Izilwane eziningi zizala noma zichamusele amaqanda, entwasahlobo,” kuvuma uLina.
-
“Ngiyazithanda izilwane ezincane! Awusho, iqala nini ngempela intwasahlobo?” kubuza uLwandle.
8
“Kunzima ukuqonda kahle izikhathi zonyaka ngokuthe ngqo,” kuphendula uLina.
-
Uyaqhubeka, “Kodwa sijwayele ukubona izimpawu zokuqala zentwasahlobo ngenyanga kaMandulo.”
9
“Izulu liqala ukufudumala bese kuqala izimvula.” kusho uLina.
-
“Kuthatha isikhathi esincane nje, ugwadule luvele lushintshe lube yingadi yezimbali zasendle,” kumoyizela uLihle.
10

Imibuzo


  1. Bakuphi oLihle noLwandle? Thola lendawo kubalazwe.
  2. Yisiphi isikhathi sonyaka okuxoxwa ngaso kule ndaba?
  3. Kwenzekani ngalesi sikhathi sonyaka?
  4. Ngabe intwasahlobo yalapho uhlala khona iyafana nalena? Chaza.
  5. Zidingani izitshalo ukuze zikhule?
  6. Yisiphi isikhathi sonyaka osithanda kakhulu? Kungani?
11
Your attribution should include the following:
Title: ULihle noLwandle bafunda ngentwasahlobo
Author/s: Tebogo Matshana
Translator/s: Zanele Ndlovu
Illustrator/s: Tebogo Matshana
Assurer/s: Sifiso Khoza
Language: isiZulu

© Zenex Foundation - Saide 2024

CC BY includes the following elements:
 BY   – Credit must be given to the creator