Please view the book
in landscape mode.
UKhathaza ubaleka ekhaya
M.A. Vukeya
Brian Wambi
UKhathaza wayethandwa kakhulu ekhaya. Abazali bakhe babemnika noma yini ayifunayo.
-
Kwakunguyena kuphela indodakazi enabafowabo abayisithupha.
-
Abazali bakhe babemona kakhulu.
1
Ngelinye ilanga, uKhathaza wayefuna ukudlala ibhola nabafana.
-
“Uzibizela ukulimala,” kuncenga umama.
-
Abafowabo benqaba ukudlala naye ibhola. UKhathaza waqala wakhala.
2
Ngokuhamba kosuku uKhathaza wavele wanyenya wabaleka ekhaya wayohlala ehlathini.
-
“Ngizobakhombisa ukuthi angiyona ingane,” ekhuluma yedwa.
-
Wagibela emthini omude.
3
Abazali bakhe bamfuna ehlathini baze bamthola.
-
Bamncenga ukuthi ehle emthini, kodwa akazange avume.
4
Abafowabo bazama ukumduduza. Babememeza, “Khathaza, yehla emthini, uzozilimaza.”
-
Omunye wabo wadlala iculo ayelithanda kakhulu, abanye babecula.
5
Intukuthelo yakhe yayilokhu iya ngokuba ngcono.
-
Ukulalela iculo lakhe kwakumsiza.
-
Waze waqala ukucula naye.
-
Naphezu kwalokhu wayengakafuni ukwehla emthini.
6
Kwaze kwafika uSihle, umngane wakhe omkhulu wazomncenga ukuthi ehle emthini.
-
“Khathaza, yehla emthini, yehla emthini. Angifuni ukuthi ungishiye,” kumemeza uSihle.
7
USihle wabekezela walinda. Waze wagcina esehla emthini uKhataza. Wanga uSihle.
-
“Mngane wami, ubalekeleni ekhaya wazohlala emthini?” kubuza uSihle.
8
“Ngiye ngathukuthela ngoba wonke umuntu ungiphatha njengengane,” kuchaza uKhathaza.
-
“Bengifuna ukubakhombisa ukuthi ngingenza noma yini abafowethu bakwazi ukuyenza,” eqhubeka.
9
Umndeni kaKhathaza wenza idili lokubonga ukuthi ubuye ephephile.
-
Kusukela ngalolo suku, abafowabo bamvumela ukuthi adlale nabo ibhola.
10
Your attribution should include the following:
Title
: UKhathaza ubaleka ekhaya
Author/s
: M.A. Vukeya
Translator/s
: Zanele Zuma
Illustrator/s
: Brian Wambi
Assurer/s:
Zanele Ndlovu
Language:
isiZulu
© Zenex Foundation - Saide 2024
CC BY
includes the following elements:
BY
– Credit must be given to the creator